Esinye isitobha seChiefs siseqenjini likaHugo Broos
SIHLE NGUBO
Kufakwe noBradley Cross weKaizer Chiefs esikwatini sikaHugo Broos okuzokhethwa kusona abadlali beBafana Bafana abazoyibamba emidlalweni emibili yokugcina yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) eseMorocco.
INingizimu Afrika izotholana phezulu ne-Uganda kowokuhlungela i-Afcon ekuhambeni ngoNovemba 15, bese ivale le midlalo yokuhlunga ngokubhekana neSouth Sudan ekhaya ngoNovemba 19. Idinga ukunqoba owodwa wale midlalo ukuze izitholele ithikithi lokuya eMorocco ngonyaka ozayo.
UCross useke wabizwa kwiBafana Bafana ngesikhathi esadlalela iLamontville Golden Arrows. Nokho kungokokuqala efakwa esikwatini selokhu enjoyine Amakhosi.
Omunye umdlali weChiefs okhona kulesi sikwati uRushwin Dortley odlala kahle selokhu kuqale isizini. Uyibamba no-Inacio Miguel maphakathi emuva.
Unozinti uSage Stephens weStellebosch FC naye ukhona kuleli qembu. Okuhlalukayo ukuthi uVeli Mothwa ulokhu esala esikwatini seBafana ngoba vele akadlali eqenjini lakhe AmaZulu.
Emuva kubuye uMothobi Mvala weMamelodi Sundowns kanti noPercy Tau we-Al Ahly ubuyile kumafolosi. U-Evidence Makgopa we-Orlando Pirates naye ukhona njengoba enza kahle kweZimnyama selokhu kuqale isizini yeBetway Premiership. Kukhona noThabiso Sesane wayo iBucs.
Kubadlali abangekho ngenxa yokulimala singabala uThemba Zwane, uLyle Foster noSiphelele Sithole.
Selilonke iqembu limi kanje:
Onozinti: Ronwen Williams, Ricardo Goss, Safe Stephens noSipho Chaine.
Izitobha: Mothobi Mvala, Grant Kekana, Aubrey Modiba, Khuliso Mudau, Bradley Cross, Rushing Dortley, Fawaaz Basadien, Siyabonga Ngezana, Nkosinathi Sibisi, Thabiso Sesane, Thabang Matuludi noNyiko Mobbie
Esiswini: Teboho Mokoena, Thalente Mbatha, Jayden Adams, Bathusi Aubaas, Luke le Rouxe, Sinoxolo Kwayiba, Ndamulelo Maphangule
Amafolosi: Percy Tau, Patrick Maswanganyi, Evidence Makgopa, Oswin Appollis, Relebohile Mofokeng, Tshegofatso Mabasa, Bongokuhle Hlongwane, Iqraam Rayners, Thapelo Morena, Elias Mokwana, Sipho Mbule, Ashley Cupido ,Yanela Mbuthuma noMihlali Mayambela