OwePirates ufuna bacathule ngobunono kweyeBetway Premiership
SIHLE NGUBO
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uMakhehleni Makhaula, uthi ngeke batatazele kodwa bazolokhu bebhakana nomdlalo ngamunye weBetway Premiership.
IPirates ivule igebe lamaphuzu ayisithupha esicongweni kulandela ukushaya iTS Galaxy ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership eMbombela Stadium, ngoLwesibili ebusuku.
Kulo mdlalo uMakhaula uqokwe njengomdlali ovelele kanti kumjabulisile lokho.
“Ngibonga abaphathi beqembu, umqeqeshi nabadlali. Ngingasho ngithi into ebalulekile ukusebenza ngokuzikhandla,” kusho uMakhaula kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Umqeqeshi ubelokhu engitshela ukuthi ngizoqokwa njengomdlali ovelele bese okunye kulandela.
“Ngiyajabula ukuthi abalandeli baphume ngobuningi ukuzoseseka. Sizothatha umdlalo ngamunye bese sibone ukuthi siphelela kuphi.”Igoli lokuqala liqhamuke kungalindelekile kanti lishaywe uThalente Mbatha engaphandle kwebhokisi ngomzuzu ka-16. Unozinti weTS Galaxy bekumele enze kangcono kakhulu kuleli goli.
IRockets ibizitshela ukuthi ithole iphenathi ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini kodwa unompempe wathi phinde. Lokhu kwenze lasukuma lonke ibhentshi leTS Galaxy likhononda.
Ngesiwombe sesibili iBucs ithe ukulehlisa izinga futhi ibonakale ihluleka ukuphaselana kahle ibhola. Ngaleso sikhathi bekubukeka sengathi iRockets izolithola lokulinganisa.
Kuze kwaba umzuzu ka-72 lapho udonga lweRockets luhluleke ukususa umhlola ekhaya, waqhamuka uRelebohile Mofokeng waliqabukisa inethi.
Ukunqoba kwePirates kuchaza ukuthi isayizwa ngendaba induku emidlalweni yePremieship ngemuva kwemidlalo eyisithupha.
Yisimo esihluke kakhulu kwiRockets engakawini nowodwa umdlalo kwemihlanu esiyidlalile. Leli qembu elicijwa uSead Ramovic lishoveleke emsileni njengoba AmaZulu FC enqobe umdlalo weligi okokuqala kule sizini eshaya iChippa United ngo 2-0.
Ngomzuzu ka-90 uKamogelo Sebelebele uthole ikhadi elibomvu ngokuziwisa ebhokisini. Ubevele enekhadi eliphuzi wathola elesibili kwaphela ngaye kulo mdlalo.