UWilliams angakufaka ukushisa kuSwart ezintini zeBanyana
SIHLE NGUBO
UJessica Williams, okumanje ungukaputeni weBanyana Banyana, edlala kwiCosafa Women’s Championship eqhubekayo e-Eastern Cape, kungenzeka ukuthi uyena oyisixazululo emapalini eqenjini elikhulu labesifazane.
IBanyana Banyana inakho ukubamba iyeka epalini futhi lokhu kugqame kakhulu kwiNdebe yoMhlaba ebiseNew Zealand nase-Australia ngonyaka odlule.
Abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika bakhala kakhulu ngokudlaliswa kukaKaylin Swart kwiBanyana yize abuye enze amaphutha alenzela phansi kakhulu iqembu.
Ngakolunye uhlangothi umqeqeshi weBanyana, uDesree Ellis, uzithethelela ngokuthi u-Andile Dlamini, ongunozinti weMamelodi Ladies, akadlali eqenjini lakhe yingakho nje edlalisa uSwart.
Ngokusho kuka-Ellis nangesikhathi seNdebe yoMhlaba wayebhekene nesimo esifanayo sokuthi uDlamini waya kulo mqhudelwano ekade agcina ukudlala. Nokho uthi uyambiza esikwatini ngenxa yamava akhe.
UWilliams wenza kahle kakhulu kwiCosafa futhi useze washaya igoli. Udedele udalimede we-free kick ngesikhathi iBanyana ibhekene ne-Eswatini abagcina beyishaye ngo 3-0.
Imidlalo yeCosafa seyifinyelele kweyandulela owamanqamu lapho iBanyana izobhekana neMozambique ngoLwesine ngo-3 ntambama.
Komunye umdlalo owandulela owamanqamu kuzotholana phezulu iMalawi neZambia ngalo oLwesine ngo-12 emini.
Sekuyolala ku-Ellis ukuthi uyamnika yini uWilliams ithuba lokuzibonakalisa eqenjini elikhulu njengoba ekhombisa ukukhula namava. IBanyana ishaye amagoli angu-12 emdlalweni yamaqoqo, yadedela elilodwa kuphela.