IBanyana iyivule kahle iWAFCON ishaya iGhana eMorocco
SIHLE NGUBO
INingizimu Afrika iyiqale kahle imidlalo yeWomen’s Africa Cup of Nations (WAFCON) ngokushaya iGhana ngo 2-0 emdlalweni wokuqala kuGroup C, eHonneur Stadium, e-Oujda, eMorocco, ngoMsombuluko.
Iqembu lakuleli alidlalanga ibhola elihle kodwa bekwanele lokhu elikwenzile ukubuyisa ukuzethemba njengoba kuyilona elivikela indebe.
IBanyana Banyana iqale umdlalo ngegiya eliphansi kakhulu kodwa yagcina izama ukufudumala.
Igoli lokuqala lize noLinda Mothlalo ngomzuzu ka-28. Kube yiphenathi edaleke ngokudlaliswa kabi kukaNoxolo Cesane ebhokisini.
Ibuyile futhi iBanyana yashaya igoli lesibili, kanti lize noJermaine Seoposenwe ngomzuzu ka-34.
Umdlalo uye ekhefini kungu 2-0 kodwa yiBlack Stars ebisizama ukubuya emizuzwini yokugcina yesiwombe sokuqala.
Isiwombe sesibili siqale kuyiGhana ebisacindezela iNingizimu Afrika izama igoli lokubuyela emdlalweni.
Lokhu kudale ukuthi iBanyana yenze amaphutha emuva izama ukuphuma iGhana inengcindezi.
Kuze kwaba kabili iGhana ishaya ipali esesele unozinti u-Andile Dlamini.
IBanyana nayo ilitholile ithuba kokushaya igoli lesithathu kodwa yangawasebenzisa.
UBambanani Mbane, odlala emuva, uyena oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.
Ukunqoba kweBanyana kuzoyinika ukuzethemba okukhulu ngaphambi komdlalo wesibili neTanzania eqoqweni layo ngoLwesihlanu.
INingizimu Afrika ayiyazi induku emidlalweni engu-12 yeWAFCON.

