AmaProteas

AmaProteas abhaxabule iBangladesh anqoba uchungechunge lweyeTest

SIHLE NGUBO 

INingizimu Afrika inqobe uchungechunge lwemibili emibili yeTest ngo 2-0 kulandela ukushaya iBangladesh ngama-run angu-273 ne-innings osukwini lwesithathu, eZohur Ahmed Chowdhury Stadium, eChittagong, ngoLwesine.

AmaProteas awine ithosi akhetha ukubhetha kule Test eqale ngo-Okthoba 29. Eholwa ukaputeni u-Aiden Markram enze ama-run angu-575/6 ase ededela iqembu lasekhaya ukuthi libhethe.

UTony de Zorzi (177), uTristan Stubbs (107) noWiaan Mulder (105) yibona abadlale kahle kwi-innings yokuqala. USenuran Muthusamy naye udlale kahle kakhulu ehlanganisa ama-run angu-68.

Izama ukuphendula iBangladesh ihlangane nezimbila zithutha, ziholwa emhlophe phambili, kuKagiso Rabada. Lo mshwibi, osesicongweni emhlabeni emidlalweni yeTest, uthathe amawikhethi amahlanu.

IBangladesh igcine iphume yonke isenze ama-run angu-159 kuphela. UMarkram uyikhombe enkundleni wathi ayibhethe futhi (follow on) kwaphinda kwangahamba kahle.

Kule innings yesibili yeBangladesh bekubhoke uMuthusamy, othathe amawikhethi amane, noKeshav Maharaj, othathe amahlanu.

Iqembu lasekhaya likwaze ukuhlanganisa ama-run angu-143 lase liphuma lonke, kwaphela kanjalo.

KwiTest elandelayo iNingizimu Afrika izobhekana neSri Lanka eKingsmead Stadium, eThekwini, ngoNovemba 27.