iCarling Knockout Cup

IPirates isenethuba lokuba yingxenye yeCarling Cup


Abadlali ababili be-Orlando Pirates, unozinti uSipho Chaine nomdlali wasesiswini uRelebohile Mofokeng, bahamba phambili ngamavoti eqenjini iCarling All-Star elizodlala kwiCarling Cup nabazonqoba iCarling Knockout, e-Orlando Stadium, ngoDisemba 20.

IBucs imangazwe omakoti bePremiership iMagesi FC eyishaye ngo 3-2 emdlalweni weCarling Knockout Last 16, emasontweni edlule, enkundleni yayo.

Lokhu kuchaza ukuthi abadlali bePirates sebengavotelwa ukuthi babe yingxenye yeCarling All-Star ngoba vele iqembu ngeke lisaba ompetha beCarling Knockout.

Amaqembu akhishwe kwiLast 16 njengayo iPirates, asazokwazi ukuba yingxenye yomqhudelwano njengoba abadlali bawo bengavotelwa ukungena kwiCarling All-Star ezoqokwa abalandeli, nomqeqeshi wayo.

Ngesizini edlule umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, uyena obecija iCarling All-Star enqobe ngo 2-1 kompetha beCarling Knockout, iStellenbosch FC, ePeter Mokaba Stadium.

UChaine uyena ozihola phambili ngamavoti angu-11 000 esontweni lesihlanu selokhu kuvulwe ukuvota. Lo nozinti ulikhuphulile kakhulu izinga nokwenza angasali uma kuthiwa abadlali eqenjini lesizwe, iBafana Bafana.

UMofekeng naye osebizwa njalo kwiBafana ngenxa yokwenza kahle kwiBucs, ungomunye wabadlali abayizintandokazi kubalandeli. Lo mdlali oneminyaka engu-20 usehlanganise amavoti angu-6 000.

Abadlali abahlanu bamaqembu adlala kwiDiski Challenge, nabayisithupha bePremiership yibona abazoqala umdlalo eqenjini iCarling All-Star. UJabulani Mokone wePirates uyena osahamba phambili ngamavoti kubadlali beDiski Challenge.

Ukuze uqhubeke nokuvota kumele uthenge ingudu yeCarling Black Label engu-750ml noma ikani elingu-500ml. Ushaya u-*120*660*UNIQUE CODE#, bese ulandele okushiwoyo. Ukuvota kubalwa ngoDisemba 10.