EzakamuvaIbhola

UKhoza usazoqhubeka nokuba usihlalo wePSL

SIHLE NGUBO 

Usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, usazoqhubeka nokubamba lesi sikhundla nangemuva kokhetho oluzoba ngoNovemba lwale nhlangano.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi iPSL iveza amagama abazongenela ukhetho njengoba kuzokhethwa ikomiti eliphezulu elisha lenhlangano ngoNovemba.

Okuhlalukayo ukuthi akekho obangisa uKhoza esikhundleni sikasihlalo wePSL. Lokhu kuchaza ukuthi uzobuyiselwa ngo-elethu esikhundleni sakhe.

Kuke kwavela ukuthi uKhoza angase athi khumu ekuholeni iPSL ngenxa yokuhamba kweminyaka. Ngokwemibiko kwakuvele ukuthi izingane zakhe zifuna aphumule manje, angalokhu ezixaka ngebhola.

Nokho kuyacaca ukuthi akukazukwenzeka lokho njengoba uKhoza ezolungenela ukhetho futhi kungekho noyedwa ozobangisana naye.

Okunye okuzobhekwa kulo mhlangano ukuthi izodingidwa yini eyesikhulu esiphezulu sePSL, okuyisikhundla osekubambe kusona uMato Madlala iminyaka eminingi.

Abazindaba sebabuza bakhathala ukuthi siyoqashwa nini ngokuphelele isikhulu esiphezulu sePSL, nokuthi uMadlala, ongusihlalo weLamontville Golden Arrows, uyoba yibamba kuze kube nini.

Ayikho impendulo oyithola kuMadlala uma ebuzwa ngalokhu, njengoba evele athi imibuzo ethinta lolu daba ayiqondiswe kuKhoza.

Uma ebuzwa uKhoza uyaye athi lokhu kuyodingidwa emhlanganweni omkhulu waminyaka yonke wePSL. Miningi imihlangano esidlulile yalolu hlobo kodwa akukaze kucaciswe ngendaba yesikhundla esibanjwe uMadlala.

Uhla olukhishwe yiPSL lumi kanje:

Usihlalo

1. Dr Irvin Khoza (uyedwa)

Abazokhethwa ekomitini eliphezulu leNSL:

1. Dr Kaizer Motaung (Kaizer Chiefs FC)

2. Ms Mato Madlala (Lamontville Golden Arrows FC)

3. Dr Rejoice Simelane (Mamelodi Sundowns FC)

4. Dr Abram Sello (Marumo Gallants FC)

5. Mr Stanley Matthews (Supersport United FC)

6. Mr Johhny Mogaladi (Polokwane City FC)

7. Mr Sandile Zungu (AmaZulu FC)

8. Mr Robert Benadie (Stellenbosch FC)

9. Mr John Comitis (Cape Town City FC)

10. Mr Tim Sukazi (TS Galaxy FC)

11. Mr Sifiso Biyela (Richards Bay FC)