IBetway Premiership

OweChiefs akeneme ngokushaywa yiDowns kade bedlala kahle

SIHLE NGUBO 

Akwehli kahle kuReeve Frosler weKaizer Chiefs ukuthi bashaywe yiMamelodi Sundowns ngempelasonto yize bebe nomdlalo omuhle kakhulu, ngokubona kwalo mdlali wasemuva.

Ompetha beligi bashaye iChiefs ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo. Lokhu kwenze bavula igebe laba ngamaphuzu angu-18 esicongweni.

I-Orlando Pirates nayo ivele yayilahla kakhulu emdlalweni olandele lowo njengoba ishaywe yiMarumo Gallants ngo 2-0.

UFrosler uthe akumnandi ukwehlulwa kade bedlala kahle kanje kodwa kumele babheke phambili emdlalweni olandelayo.

IChiefs izotholana phezulu neMagesi FC emdlalweni weligi eFNB Stadium, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

Leli qembu lishayela phezulu njengoba libuya ekunqobeni ngo 1-0 lapho lishaye khona iSuperSport United ngempelasonto.

“Kunzima ukwamukela ukushaywa emdlalweni ebesiwudlala neSundowns. Ngicabanga ukuthi asibanga nomdlalo omubi neze,” kusho UFrosler.

“Ngalolu suku sidlale kahle ndawonye futhi senza lokhu ebesikuhlelile. Yishwa nje ukuthi asizange siwasebenzise amathuba esiwatholile, sishaye amagoli.

“Ngakolunye uhlangothi bona bawasebenzisile amathuba abo. Ngicabanga ukuthi kube yilowo umehluko osukwini.

“Phakathi nesonto sineMagesi. Kuzoba umdlalo omuhle futhi sinethuba lokuthi siphinde sizame ukwenza kahle.

“Ngemuva komdlalo wangempelasonto sizoshintsha imiqondo manje sibheke umdlalo olandelayo.

“Kumele sibuyele emuva sihlale phansi sibone ukuthi singayishaya kanjani iMagesi.”