EzakamuvaIbhola

Seyixolisile iChiefs ngobudlobongela babalandeli bayo

IKaizer Chiefs seyixolisile ngesenzo sabalandeli bayo ngesikhathi ibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weCarling Knockout ngempelasonto edlule.

Abalandeli baMakhosi bavuke umbhejazana bajikijela baphinde bangena enkundleni emdlalweni lapho iqembu labo lishaywe khona ngo 4-0 eFNB Stadium.

Konke lokhu akungabazeki ukuthi kuzoyidonsela amansi ngomsele iChiefs njengoba sekuyinsakavukela ukuthi abalandeli bayo bangaziphathi ezinkundleni zebhola.

“IKaizer Chiefs ithanda ukuxolisa kakhulu kubo bonke abathintekayo, abaxhasi, iPremier Soccer League (PSL), iSouth African Football Association (SAFA) nabalandeli ngezigameko eziphoxayo ezibonakale ngoMgqibelo emdlalweni weCarling Knockout sibhekene neMamelodi Sundowns,” kusho isitatimende esithunyelwe yiChiefs.

“Yize kwakuwusuku oluhle lwebhola kodwa lwadungwa ukuziphatha okungekuhle nokungenandawo emdlalweni wethu omuhle.

“Ukungena enkundleni nokujikijela izinto enkundleni yebhola yizinto ezingamukeleki. Ngaphandle kokuzilungiselela okuphelele ngomdlalo owawudayise amathikithi aphela, sabona izinkinga ezenzeka ngaphambili komdlalo njengoba abanye abalandeli base bephuzile ngaphambi komdlalo nokwaholela ekutheni kube nezigameko ezingadingeki.

“Lokhu kukhombisa inkinga enkulu emphakathini wethu edinga ukuthi imboni yethu yebhola nemiphakathi iyisukumele ngokubambisana.”

IChiefs izobuyela emidlalweni yeBetway Premiership ngokubhekana neRichards Bay FC, ePeter Mokaba Stadium, ngoNovemba 27.