Kunconywa uFiston Kwabanga ngokucija uChipezeze kwiMagesi
PHILI HLONGWANE
Umqeqeshi weMagesi FC, uClinton Larsen, uncoma amagalelo omqeqeshi wonozinti eqenjini lakhe, uFiston Kwabanga.
Lo mqeqeshi uveze lokhu ngemuva kokuthi ukaputeni weMagesi, u-Alvis Chipezeze, ephinde wathola u-R100 000 kulandela ukuvimba ngisho impukane bebhekene neRichards Bay FC ngoMgqibelo.
Kulo mdlalo owandulela owamanqamu weCarling Knockout, iMagesi inqobe ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. Kulokho kumele ibonge uChipezeze obengafuni lutho emapalini njengoba iNatal Rich Boyz ibisifika iphindelela, izama ukuthola igoli lokulinganisa.
Bese kungokwesithathu uChipezeze ekhala emuka no-R100 000 selokhu kuqale imidlalo yeCarling Knockout ka-2024. Uqokwe njengomdlali ovelele beshaya i-Orlando Pirates ngo 3-2 kwiLast 16, waphinda wathola lo mklomelo benqoba ngo 1-0 kwiTS Galaxy kwi-quarterfinal.
Ngesizini edlule lo nozinti ubenza ezibukwayo iqembu lakhe lisagijima kwiMotsepe Foundation Championship. Kuze kwaba yimidlalo eyisishiyagalombili engangenelwa yigoli nokuyinto esize iqembu ukuthi lidle umhlanganiso (libe ompetha beligi) ekupheleni kwesizini.
Kukho konke lokho uLarsen uncoma amagalelo kaKwabanga ocija onozinti beMagesi.
“U-Fiston Kwabanga uneminyaka engu-34 kuphela kodwa umsebenzi wakhe ngiwubeka ezingeni eliphezulu,” kusho uLarsen ngemuva komdlalo.
UKwabanga wayengumdlali weSummerField Dynamos wase ephenduka umqeqeshi wonozinti. Yilapho bahlangana khona noLarsen.
ULarsen uyakhumbula ukuthi bangena kwiLast 32 yeNedbank Cup. Baze baphuma kuma-quarterfinal 8 lapho bakhishwa iMamelodi Sundowns.