Ibhola lombhoxo

UMapimpi uzisondeze kwabaphezulu ngama-try kumaBoks

SIHLE NGUBO 

UMakazole Mapimpi ushaye ama-try amabili ngesikhathi amaBhokobhoko eshaya iScotland ngo  32-15, eMurrayfield Stadium, e-Edinburgh, ngeSonto.

UMapimpi unyukele endaweni yesithathu kwabahamba phambili ngokushaya ama-try kumaBhokobhoko njengoba esenangu-32.

Lo mdlalo ubungelula neze kwiNingizimu Afrika okudingeke isebenze kanzima ukuze inqande iZikotshi ngesiwombe sesibili. 

Umdlalo awuqale kahle amaBhokobhoko njengoba uMapimpi eshaye itry ngomzuzu wesihlanu. Ngomzuzu ka-17 ubuyile uFinn Russel washaya iphenathi yeqembu lasekhaya kwaba ngu 5-3.

Ihambe phambili ngo 6-5 okokuqala iScotland ngesikhathi uRussell eshaya enye iphenathi ngomzuzu ka-22.

Nokho ompetha bomhlaba babuyile bashaya itry yesibili eze noThomas du Toit ngomzuzu ngomzuzu ka-30.

URussell uphinde waqobela enye iphenathi ngomzuzu ka-33 kodwa wabuya uMapimpi washaya itry yakhe yesibili ngomzuzu ka-35. Ziye ekhefini kungu 19-9.

Isiwombe sesibili sivulwe yiZikotshi nephenathi kaRussell ngomzuzu ka-43, wabuya futhi washaya enye ngoka-61 kwaba ngu 19-15.

Ngaleso sikhathi amaqembu abesehlaselana kuvalwe amehlo, kucaca ukuthi umdlalo ungaya noma yikuphi.

Nokho amaphenathi amabili kaHandre Pollard aqinisekise ukuthi amaBhokobhoko ayanqoba e-Edinburgh. Nokho bezingakaqedi ezika-Rassie Erasmus njengoba uJasper Wiese eshaye itry yokugcina ngomzuzu ka-80.