USage Stephens weStellies uyicabe kanzima ebheke kwiBafana
SIHLE NGUBO
Unozinti weStellenbosch FC, uSage Stephens, ubukeka engumuntu ongalilahli ithemba empilweni, uma kubhekwa umlando wakhe kunobhutshuzwayo.
Lo nozinti usesikwatini seBafana Bafana okokuqala, njengoba ilungiselela ukubhekana ne-Uganda ekuhambeni ngoLwesihlanu, bese ivale imidlalo yokuhlunga ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ngokubhekana neSouth Sudan ekhaya ngoNovemba 19.
UStephens usengunozinti wokuqina weStellies, anqobe nayo iCarling Knockout ngesizini edlule. Nokho uhambo lwakhe kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika alukaze lube lula.
Lo nozinti uhlale iminyaka eyisithupha kwiMoroka Swallows phakathi kuka-2009 no-2015. Nokho isikhathi eziningi ubesebhentshini.
Ngo-2015 ube esejoyina AmaZulu FC lapho efike walithola khona ijezi leli qembu lisagijima kwiMotsepe Foundation Championship (isabizwa ngeNational First Division).
Ube esehlwithwa yiCape Town City ngo-2017 okuyinto eyamangaza abaningi. Nokho ufike waba unozinti wokuqala kuleli qembu ethatha ijezi kuShu-Aib Walters.
KwiCityzens udlale owandulela owamanqamu weMTN8 lapho beshaywe khona ngo-2017. Kodwa ngemuva kwalokho udlelwe ijezi uPeter Leeuwenburgh.
Ube esededelwa yiqembu ngo-2020 kodwa wavumbuka kwiStellenbosch. Sekungumlando unqobe nayo iCarling Knockout kanti usegqoka nebhande likakaputeni.
Eminyakeni engu-33 anayo uStephens unethuba lokudlalela iBafana Bafana okokuqala. Iqembu lakuleli lidinga amaphuzu amabili emidlalweni emibili yokuhlunga ukuze lizibekisele indawo kwi-Afcon eseMorocco ngonyaka ozayo.
Uma iBafana inganqoba kwi-Uganda ekuhambeni ngoLwesihlanu, uStephens angathola ithuba lokuba sezintini emdlalweni wokugcina neSouth Sudan ngoNovemba 19. Vele iBafana iyobe ingeke isalahlekelwa yilutho kulowo mdlalo, uma inqoba kwi-Uganda.
Ngaphezu kwalokho uStephens unethuba lokuya kwi-Afcon eseMorocco ngonyaka ozayo, kusale onozinti abafana noVeli Mothwa waMaZulu noRicardo Goss weSuperSport United.
Abadlali beBafana kulindeleke ukuthi bahlangane ngoMsombuluko ekhempini ngaphambi kokulibangisa e-Uganda.