Ezakamuva

Kuzobongwa odlalela iqembu likaLucky Dube

Kuzoba nendumezulu yomcimbi womculo wamaRasta obizwa nge-UGU RAGGAE FESTIVAL ezobe ihamba neqembu lomculo elalidlalela uLucky Dube nelisadlala namanje.

Lo mcimbi ozokwenzelwa oGwini, ulethwa yiMayibuye Entertainment ngokubambisana noMnyango wezemiDlalo namaCiko ngomgudu weNational Arts Council of South Africa.

Uzokuba mhla zingu 24 kuZibandlela, ngehora lokuqala ntambama.
Ngaphandle kwedili lomculo, kuzobe kubungazwa, kubongwa umdlali wepiyano osesebenze naleli qembu isikhathi eside, uThuthukani Cele.

UCele ungowokuzalwa khona oGwini eBhobhoyi, kanti leli qembu seliwahambe wonke amazwe kodwa alikaze lize kule ndawo.
Ongumhleli walo mcimbi uNkk Philile Cele, uthe kuyamjabulisa ukuthi athole ithuba lokubungaza uCele esaphila.

“Bekuyiphupho lami leminyaka ukubonga uThuthukani obesefana newele likaLucky Dube, indlela ebebezwana ngayo nangendlela abebezimisela ngayo esiteji. Okunye bekuziqhamukela ngaphandle kokuhlelwa, benze into ecokeme”, kusho yena.

Uqhube wathi kuzobe kungokokuqala uCele edlala neqembu likaLucky Dube ngakubo, ngakhoke izinga liyobe liphezulu kakhulu.
Abanye abaculi abalindeleke kule ndumezululu, uJah Seed owaduma kakhulu kwiBongo Muffin, u-Afrika Cele, iBongo Riot no-Armstrong, ongowasendaweni.

Uhlelo luyobe luphethwe ngusomahlaya waseThekwini uSimphiwe Shembe.
Amathikithi aseyatholakala ngo-R250 eTicketpro nasezindaweni ezidayisa amathikithi.