IBetway Premiership

UMaart uthembisa ukuqhubeka nokuzikhandla kweChiefs

SIHLE NGUBO 

Ukaputeni weKaizer Chiefs, uYusuf Maart, uthi bazoqhubeka nokusebenza kanzima yize izinto zibuye zingabahambeli kahle selokhu kuqale isizini.

Usho lokhu ngemuva kokuthi iChiefs ishaye iRichards Bay FC ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesithathu ebusuku.

Kulo mdlalo uMaart udlale kahle kakhulu waze waqokwa njengomdlali ovelele.

“Kuningi obekwenzeka phakathi nenkundla. Yindlela umqeqeshi abesitshele ukuthi sidlale ngayo,” kusho uMaart mayelana nokuyibamba kahle esiswini noSibongiseni Mthethwa.

“Ngiyabonga ngokuqokwa njengomdlali ovelele. Ngibonga abaqeqeshi kanjalo nozakwethu.

“Siyaqhubeka nokusebenza kanzima njengeqembu. Ithimba labaqeqeshi liyakholelwa kakhulu kithina.”

BekuyiChiefs ebiphethe umdlalo zisuka futhi bekulindelekile ukuthi ithole igoli kuqala, uma kubhekwa indlela ebihlasela ngayo.

Nokho alisheshanga lafika igoli njengoba lize laqhamuka noWandile Duba ngomzuzu ka-21. Uthole enhle iphasi ebivela kukaputeni wakhe uYusuf Maart walibeka phakathi.

Ngemuva kwalokho iChiefs iwayekile amathuba okushaya amagoli. Ithuba elihle kakhulu lehlele uBradley Cross kodwa walishaya eceleni.

Isiwombe sesibili isiqale kabuhlungu iChiefs njengoba uReeve Frostler ephume ngekhadi elibomvu. Ubesethola ikhadi lesibili eliphuzi njengoba elokuqala elithole kusaphele imizuzu emibili kuphela kuqale umdlalo.

Ukuphuma kukaFrostler kuphoqe umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, ukuthi akhiphe uPule Mmodi afake uDillan Solomons.

Ike yazama ukucindezela iNatal Rich Boyz ngemuva kokungena kukaSiyethemba Sithebe noFigareido kodwa yangalithola igoli lokulinganisa.

Kunalokho kube yiChiefs ethole igoli lesibili elize no-Ashley du Preez ngomzuzu ka-68. UMaart uyena futhi eshaye iphasi enhle kuleli goli lesibili.

UMaart bekumele ashaye elakhe igoli ngomzuzu ka-80 kodwa wageja esebhekene nonozinti kuphela.

IBay igcine ilitholile igoli ngomzuzu ka-90+1 kanti lize noYanela Mbuthuma. Ibisishaya igoli lesibili kuphela kule sizini.