IBetway Premiership

Ngabe i-Ox yeChiefs seyibuyelwe yifomu eyaduma ngayo kwiStellies?

SIHLE NGUBO 

USibongiseni “Ox” Mthethwa weKaizer Chiefs usezithole ehlezi nezihlwele imidlalo eminingi selokhu kuqale isizini ka-2024/2025.

Lokhu bekungabangelwa ukulimala kodwa yingoba umqeqeshi uNasreddine Nabi ubekhetha ukudlalisa uYusuf Maart (ukaputeni) ephelezelwa uSamkelo Zwane esiswini.

Ebhentshini bekucupha uNjabulo Blom no-Edison Castillo bobabili asebeke badlala ngaphambi kukaMthethwa, obengabonakali ngisho ebhentshini.

Lokhu kwenze kuqubuke amahlabezi okuthi lo mdlali, ofike kwiChiefs evela kwiStellenbosch FC, angase abolekiswe uma kuvulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari.

Nokho ukunikwa ithuba emidlalweni yeHome of Legends Cup, kubukeka sekwenze uNabi wabona ukuthi uMthethwa ungumdlali osezingeni eliphezulu, ikakhulukazi njengoba noCastillo esazohlala izinyanga ezinhlanu engadlali ngenxa yokulimala.

UMthethwa uqale umdlalo osemthethweni okokuqala kule sizini ngesikhathi iChiefs ibhekene neRichards Bay FC koweBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesithathu ebusuku.

Kulo mdlalo, iChiefs ewunqobe ngo 2-1, uMthethwa ushaye into ecokeme ebambisene noMaart esiswini. Lokhu kwenze ukaputeni weChiefs wakhululeka waze wasiza ekushayweni kwamagoli amabili.

UMaart uqokwe njengomdlali ovelele kufanele njengoba ekhiphe amaphasi abalulekile ukusiza uWandile Duba no-Ashley du Preez ukuthi bashaye amagoli.

Okuhlalukile ukuthi uMthethwa uyena obenza uMaart abukeke kahle ngokushanela yonke into esiswini. Umbuzo omkhulu owokuthi ngabe sekuwubuya kwe-Ox eyaziwayo lokhu, neyaheha iChiefs ukuthi iyisayinise isuka kwiStellies?

Ukudlala kahle kukaMthethwa kuzomjabulisa kakhulu uNabi onoBlom noZwane njengabanye abadlali angakhetha kubona. Mhlawumbe okwamanje kusamele akhulume nabadlali bakhe basemuva uReeve Frostler no-Inacio Miguel ukuthi bapheze ukuqoqa amakhadi aphuzi nabomvu.

UMiguel uthole ikhadi elibomvu lesibili kule sizini ngesikhathi iChiefs ishaywa yiMamelodi Sundowns ngo 4-0 emdlalweni weCarling Knockout. UFrostler naye uphume ngelibomvu bebhekene neRichards Bay ngoLwesithathu.