UMngqithi akaboni besenkingeni kwiChampions League
SIHLE NGUBO
UManqoba Mngqithi, oqeqesha iMamelodi Sundowns, uthi akonakele kakhulu kuBafana Ba’Style emidlalweni yeCaf Champions League, yize bengakanqobi nowodwa umdlalo kwemibili.
IDowns ibuye nephuzu elilodwa kuphela eMorocco ngoMgqibelo lapho ibambane ne-ASFAR ngo 1-1 emdlalweni kaGroup B kwiChampions League
EzikaMngqithi zike zahamba phambili ngegoli lika-Iqraam Rayners kulo mdlalo kodwa yabuya i-ASFAR yalinganisa ngelikaMohamed Rhimat.
Nokho uMngqithi akaboni besenkingeni kule midlalo yamaqoqo, lapho besendaweni yesibili ngamaphuzu amabili kuGroup B.
“Angicabangi ukuthi kwenza lokhu esikuhlosile kuleli qoqo kube wumqansa kakhulu,” kusho uMngqithi.
“Sidlale kahle kakhulu, ngaphansi kwezimo ezijwayelekile, umdlalo ofana nalona ekuhambeni besingawunqoba kodwa akwenzekanga.
“Kuseyiphuzu elibaluleke kakhulu ekuhambeni, sisazodlala nabo ekhaya.”
ISundowns ivule imidlalo yamaqoqo yeChampions League ngokubambana ne-AS Maniema Union yaseDemocratic Republic of Congo ngo 0-0 eLoftus Stadium, ePitoli, ngenyanga edlule.
Emdlalweni olandelayo kuzomele inqobe nakanjani uma seyibhekene neRaja Casablanca, yaseMorocco, eLoftus Stadium, ngeSonto.
Ukunganqobi lo mdlalo kungayinika inkinga iSundowns ngoba ngemuva kwawo izobe seyisalelwe owodwa ekhaya (owe-ASFAR) nemibili ekuhambeni (iManiema Union neRaja Casablanca).
Njengamanje iSundowns isamile ekudlaleni imidlalo yeBetway Premiership njengoba iza ilandelana eye champions League. Nakwi-Orlando Pirates yinto efanayo, kanjalo neStellenbosch FC edlala kwiCaf Confederation Cup.