UMiller noLinde baweze amaProteas eThekwini
SIHLE NGUBO
AmaProteas abhuquzise iPakistan eyishaya ngama-run angu-11 eKingsmead Stadium, eThekwini, kwiT20 yokuqala kwamathathu, ngoLwesibili.
UDavid Miller udlale kahle kakhulu eshaya ama-run angu-82 emabholeni angu-40. UMiller uyena obemile ngesikhathi abanye abadlali bephuma belandelana kulo mdlalo.
Omunye odlale kahle kumaProteas uGeorge Linde oqede enama-run angu-48 engaphumanga. UShaheen Afridi uthathe amawikhethi amathathu kanjalo no-Abrar. INingizimu Afrika iqede ama-over angu-20 ina-183/9.
Iphendula iPakistan uRizwan wenze kahle kakhulu eshaya ama-run angu-74 kodwa kube yinkinga ukuthi ubelokhu elahlekelwa abantu abedlala ngokubambisana nabo.
ULinde ube yiqhawe ethatha amane ngesikhathi iPakistan isizama ukufica ama-run obekumele inqobe ngawo. Kukhona konke lonke lokho uLinde akazange avume, eshwiba sengathi usuku kwakhe lokugcina.
URizwan ugcine ekhishwe uKwena Maphaka othathe amawikhethi amabili kulo mdlalo. INingizimu Afrika isihamba phambili ngo 1-0 kule midlalo yeT20 emithathu.