UMarkram ushaye into yomhlaba amaProteas egingqa i-India
SIHLE NGUBO
INingizimu Afrika iziphindiselele kwi-India iyishaya ngamawikhethi amane emdlalweni wesibili wosuku olulodwa, eShaheed Beer Narayan Singh International Stadium, ngoLwesithathu.
AmaProteas aye kulo mdlalo elandela ngemuva ngo 1-0 kulandela ukushaywa ngama-run angu-17 emdlalweni wokuqala ngeSonto.
Ukunqoba kwamaProteas kusho ukuthi sezibambene ngo 1-1 kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu yosuku olulodwa.
U-Aiden Markram uphume esehlanganise ama-run angu-110 nokunike iNingizimu Afrika lokuzama ukufica ama-run angu-359.
UMarkram ubekade edlala kahle nokaputeni uTemba Bavuma ophume kuqala esena-46, kanti ndawonye bese behlanganise ama-run angu-101.
UDewald Brevis Nate ungene wadlala kahle kakhulu nje ngoba enze ama-run angu-54, kanti bekungokokuqala ethola u-50 emidlalweni yosuku olulodwa.
Kube sekuqhubeka uMathew Breetzke odlale kahle, washaya ibhola wahlanganisa ama-run angu-68, waphuma.
INingizimu Afrika iyona ewine ithosi kulo mdlalo yakhetha ukushwiba kuqala.
Kube sengathi izosile njengoba i-India ibilishaya kakhulu ibhola, yaze yahlanganisa ama-run angu-359.
Bekubhoke uVirat Kohli, ophume esena-102, noGaikwad, okhishwe esehlanganise ama-run angu-105.
Kubashwibi bamaProteas kwenze kahle uMarco Jansen othathe amawikhethi amabili.
Kulo mdlalo kulimale abadlali ababili bamaProteas, uNandre Burger noTony de Zorzi, abadonseke imisipha.
Bekungokokuqala ukuthi amaProteas asukele ama-run angaka esekuhambeni awafice.
Umdlalo wesithathu, ozocacisa ukuthi yiliphi iqembu elikhala lemuke nochungechunge, use-ACA-VDCA Stadium, eVisakhapatnam, ngoMgqibelo ngo-10 ekuseni.
Ngemuva kwalokho kuzobe sekulandela imidlalo yeT20 emihlanu, eqala ngoLwesibili eBarabati Stadium, eCuttack.

