IBetway Premiership

‘Ngifuna abadlali abasezingeni leKaizer Chiefs’

SIHLE NGUBO

Ubona bengakasondeli nakancane lapho befuna ukuba khona umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi.

Usho kanje ngemuva kokuthi iChiefs ibambane TS Galaxy ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eMbombela Stadium, ngoMsombuluko ntambama.

“Asizange siqale kahle emizuzwini engu-20 yokuqala. Besihluleka ukuphaselana ibhola, silokhu silipha izitha,” kusho uNabi kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Sibuye saba ngcono ngesiwombe sesibili. Besizama ukuphusha siye phambili.”Ngenhlanhla silitholile igoli (lokulinganisa) kodwa asikafiki lapho iqembu elifana neKaizer Chiefs kumele libe khona. Sizoqhubeka nokusebenza kunzima.

“Asinabo abadlali abakwazi ukukhahlelela ipali. Ngidinga abadlali abasezingeni leKaizer Chiefs.”

IChiefs ibingekho nhlobo emdlalweni ngesiwombe sokuqala. Ithuba elilodwa elitholwe u-Ashley du Preez, ebhekene nonozinti, uligejile kwajabha abalandeli.

Ngemuva kwalokho iTS Galaxy ishaye igoli ngomzuzu ka-35 kanti lize noSamukele Kabini. Ngaleso sikhathi iChiefs ibihluleka ukuya phambili.

Ngesiwombe sesibili umqeqeshi uNabi ufake uMfundo Vilakazi, uRanga Chivaviro noTebogo Potsane. Lube khona ushintsho kancane kodwa igoli lala ukuqhamuka.

Bese kubukeka sengathi umdlalo uzophela ngo 1-0 ngesikhathi uHappy Mashiane eshaya ikhona eqedelwe uChivaviro ngomzuzu ka-90+5 kwachwaza yonke iMbombela Stadium.

IChiefs yagcina ukunqoba ngesikhathi ishaya iRichards Bay FC ngo 2-1. Ngemuva kwalokho odlale ngokulingana ngo 2-2 neRoyal AM emdlalweni eyayihamba phambili kuwona ngo 2-0. Ibe seyishaywa yiPolokwane City ngo 2-0.