IPirates, iChiefs neDowns bazohlanganyela iMagesi kwiCarling
SIHLE NGUBO
Ibophele abadlali abasezingeni eliphezulu be-Orlando Pirates neKaizer Chiefs i-All-Star Team ezobhekana neMagesi FC emdlalweni weCarling Black Label Cup e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoNovemba 21.
Leli qembu lizocijwa umqeqeshi weBucs uJose Riviera kanti libukeka linethuba elihle lokushaya ompetha beCarling Knockout, iMagesi FC.
Bakhona nabadlali beMamelodi Sundowns kuleli qembu nokuchaza ukuthi womathathu amaqembu amakhulu azothola ithuba lokuqondisa iMagesi efike yawathela ngehlazo ivela kwiMotsepe Foundation Championship.
Leli qembu likaClinton Larsen lifike lathela ngesibhaxu iPirates eliyikhiphe ngo 3-2 kwiLast 16 yeCarling Knockout. Ihlekwe kakhulu iBucs ngemuva kokuwashiswa ijezi omakoti bePremiership.
Ngemuva kwalokho iMagesi icisho yashaya iChiefs emdlalweni weBetway Premiership lapho yayihamba khona phambili ngo 2-0 sekusele imizuzu engu-17 kuphele umdlalo. Nokho umdlalo wagcina uphele ngo 2-2.
Kowamanqamu weCarling Knockout iMagesi yenze obekungalindelekile ishaya ompetha beligi iSundowns 2-1. Kwakubukeka sengathi Abafana Ba’Style bazowunqoba umdlalo sebehamba phambili ngo 1-0 kodwa yabuya iMagesi yashaya amagoli amabili.
Kubadlali bePirates abakhona kwi-All-Star singabala uSipho Chaine, noRelebohile Mofokeng. IChiefs inoGaston Sirino, u-Ashley du Preez no-Aden McCarthy (weDiski Challenge).
ISundowns inoBathusi Aubaas noThembinkosi Lorch (ebhentshini). Leli qembu lizoqala ngabadlali abahlanu beDiski Challenge nabayisithupha bePremiership.
Selilonke iqembu limi kanje:
Abazoqala umdlalo: Siphon Chaine, Aden McCarthy, Asekho Tiwani, Mbekezeli Mbokazi, Jabulani Mokone, Relebohile Mofokeng, Gomolemo Kekana, Bathusi Aubaas, Gaston Sirino, Ashley du Preez, Nadeledi Hlongwane.
Ebhentshini: Nqobani Biyela, Dimpho Madalane, Xolani Cossa, Akhanyisile Sinoti, Reeve Frostler, Mfundo Vilakazi, Sanele Phiri, Simphiwe Selepe, Monnapule Saleng, Patrick Maswanganyi, Thembinkosi Lorch, Tshegofatso Mabasa