IBetway Premiership

OweDowns uthembisa ukubuya namaphuzu aphelele kwiStellies

 SIHLE NGUBO 

U-Iqraam Rayners, ongumgadli weMamelodi Sundowns, uzobuyela eKapa ukuyobhekana neqembu lakhe lakudala iStellenbosch FC, emdlalweni weBetway Premiership, eDHL Cape Town Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

IStellies izobe ihlangana okwesithathu naBafana Ba’Style kule sizini. La maqembu aseke ahlangana kwiMTN8 lapho kunqobe khona ezaseKapa ngo 1-0 (kabili) emlenzeni wokuqala eLoftus Stadium, nakowesibili eMoses Mabhida Stadium.

ISundowns iya kulo mdlalo izihola phambili ngamaphuzu angu-21 ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili. URayners ufuna bathole amaphuzu amathathu nakanjani kulo mdlalo.

“Okokuqala ngithanda ukuthi halala kukaputeni wami uRonwen Williams,” kusho uRayners mayelana nokunqoba imiklomelo emibili kwalo nozinti emcimbini weCAF ngoMsombuluko.

“Ngokwami kuzoba umdlalo onzima sibhekene neStellenbosch, ngeke kube umdlalo olula neze kodwa sizolokhu siphushana sisodwa enkundleni nangaphandle kwayo.

“Sinethimba elihle kakhulu labaqeqeshi futhi kithina kumayelana nokunqoba umdlalo ngoLwesithathu ebusuku. Sihlale siphushana futhi abaqeqeshi bayabeseka abadlali abasuke besenkundleni.

“Ngihlale ngiwathola amathuba okushaya amagoli futhi ngihlale ngithola usizo kozakwethu esisuke sidlala nabo. Ngiyajabula ngokushaya amagoli nokugcina umgqigqo.”

Lo mgadli uthe ngeke balinge bayeye iStellies njengoba iwunqobile umdlalo wayo odlule weCAF Champions League.

“Ngiyazi kuzoba umdlalo onzima, baphuma e-Angola lapho benqobe khona. Ngakho kuzoba yithuba elikahle kithina kanjalo nabo ukuthola amaphuzu amathathu kodwa thina sizogxila kakhulu kithina,” kusho lo mgadli weBafana Bafana.

“Sidinga ukuthola amaphuzu amathathu, kubalulekile lokho kubalandeli beSundowns. Siyacela nize enkundleni nizosijoyina, kuzosho ukuwuphetha kahle unyaka…sizowathola amaphuzu amathathu.”