Kuzolimala iDowns kuzuze iBucs uma iPSL ixosha iRoyal AM
SIHLE NGUBO
I-Premier Soccer League (PSL) kulindeleke ukuthi ithathe isinqumo mayelana nesimo seRoyal AM, engayidlali imidlalo yayo selokhu ihlaselwe yinkinga yemali.
Lesi sinqumo singase siphazamise amaqembu asedlale nayo iRoyal AM ayinqoba imidlalo yayo, noma adlala ngokulingana naleli qembu likaShauwn Mkhize.
Amaqembu angazithola esenkingeni uma iPSL ixosha iRoyal AM ngoba kungasho ukuthi azothathwa amaphuzu awathole edlala naleli qembu njengoba imidlalo esidlaliwe izothathwa njengento engekho.
Lokhu kungagadla kuzwele kwiMamelodi Sundowns, ezihola phambili kwilogi yeBetway Premiership, kanti neKaizer Chiefs ingachaphazeleka.
I-Orlando Pirates yona ingahleka yodwa ngoba umdlalo wayo neRoyal AM awubanga khona ngoJanuwari 11, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Kungasho ukuvala igebe kwiSundowns ingakawudlali umdlalo esele ngawo ngemuva.
Njengamanje iSundowns inamaphuzu angu-42 ngemuva kwemidlalo engu-16. IPirates inawu-33 emidlalweni engu-14. Uma iDowns iphucwa amaphuzu ewathole ngokunqoba kwiRoyal AM, bese iPirates inqobe umdlalo esele ngawo ngemuva, izovala igebe libe amaphuzu amathathu.
IThwihli Thwahla ibisadlale imidlalo engu-11 kule sizini. Ibisanqobe kanye, yadliwa kahlanu, yadlala ngokulingana kahlanu.
Leli qembu limisiwe kwiPSL njengamanje ngenxa yezinkinga ezikhungethe umnikazi weqembu, kanti sekuvele ukuthi abaphathi bePSL sebehlela ukuyisusa kwiligi, umqhudelwano uqhubeke namaqembu awu-15.
Uma kwenzeka lokho, amaqembu abesehlomulile ngokudlala neRoyal AM azophucwa amaphuzu, okuzoba nomthelela ezindaweni amaqembu ahlezi kuzona kwilogi yePremieship. Lokhu kuzosho ukuthi amaqembu azodlala imidlalo engu-28 kule sizini.
Okungacaci ukuthi kuzokwenzekani ngemidlalo yeNedbank Cup njengoba iRoyal AM ingadlalanga neMilford FC koweLast 32, nokuholele ekutheni ungadlalwa oweLast 16 obekumele ube ngoMgqibelo (ngoFebhuwari 15).
IRoyal AM ayizibekile phansi njengoba igqigqisa iPSL enkantolo ifuna ukudlala imidlalo esele, ukuze kungapheli ngayo kule ligi.
Amaqembu angase aphucwe amaphuzu amathathu:
IMamelodi Sundowns – yashaya iRoyal AM ngo 2-1 ngo-Okthoba 23
IPolokwane City – yashaya iRoyal AM ngo 1-0 ngo-Okthoba 30
ILamontville Golden Arrows – yashaya iRoyal AM ngo 3-2 ngoNovemba
AmaZulu FC – Ashaya iRoyal AM ngo 2-1 ngoDecember 13 2024
TS Galaxy – yashaya iRoyal AM ngo 3-1 ngoDisemba 29
Amaqembu amahlanu angaphucwa iphuzu ngokubambana neRoyal AM:
ICape Town City, iSuperSport United, iRichards Bay FC, iMagesi FC neKaizer Chiefs