EzakamuvaIbhola

UDan Malesela unikwe yiGallants ‘ilivu eyisipesheli’

SIHLE NGUBO

IMarumo Gallants seyiqinisekise ukuthi umqeqeshi, uDan Malesela, ‘uselivini eyisipesheli’ ngakho akayona ingxenye yeqembu okwamanje.

Leli qembu liveze lokhu ngesikhathi lethula ngokusemthethweni uSundra Govender njengephini lomqeqeshi lesibili kwiGallants.

“Lokhu kuqashwa (kukaGovender) kuyingxenye yezinhlelo zeqembu yokuqinisa ithimba labaqeqeshi,” kusho isitatimende esithunyelwe yiGallants.

“UGovender ufika namava amakhulu kunobhutshuzwayo njengoba kade eyinhloko yabaqeqeshi kwiCasric Stars egijima kwiMotsepe Foundation Championship.

“Lo mqeqeshi usefikile eBloemfontontein ukuzoqala umsebenzi wakhe ngokushesha. Uzosebenza ngokubambisana noDuncan Lechesa njengoba engekho uDan Malesela, oselivini eyisipesheli ngenxa yokubhekena nezinto ezithinta umndeni wakhe.”

IGallants isanda kuqashwa owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, njengeTechnical Director yeqembu.

Leli qembu lizobhekana ne-Orlando Pirates emidlalweni yeBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoDisemba 24. Ngemuva kwalokho lizotholana phezulu neSekhukhune United eNew Peter Mokaba Stadium, ngoDisemba 28.

Akwaziwa ukuthi ukuthi izophela nini ilivu eyisipesheli kaMalesela ngokuthi uzobe ekhona yini kule midlalo emibili yokuvala unyaka.