IPirates yethule umqeqeshi ’emntshontshe’ kwiGallants
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates igcine ikuqede nya ukuqagela ngokuthi ubani ozoba umqeqeshi wayo ngesizini ezoqala ka-2025/2026.
EZimnyama ziveze ukuthi seziqashe u-Abdeslam Ouaddou, okunguyena ozohola iqembu ukuya phambili.
Lo mqeqeshi uke wathi qu kwiMarumo Gallants ngasekupheleni kwesizini kodwa washeshe washiya khona kwangaqondakala ukuthi kwenzekani.
Ubengene esikhaleni esivuleke ngokushiya kukaDan Malesela, ochithiwe yize iqembu kade lenza kahle, libukeka lizolivika izembe.
Ukuqashwa kuka-Ouaddou kuqeda amahlebezi abekhomba uRulani Mokwena kwiPirates, abehambisana nokuthi uma enikwa isikhundla sokuqeqesha iqembu kuzomele lichithe oyiphini uMandla Ncikazi.
UMokwena ubeqeqesha iWydad Athletic Club yeseMorocco ngesizini edlule kodwa wehlukana naleli qembu ekupheleni kwayo.
Kuthe kwenzeka lokhu uJose Riveiro wabe eshiya iBucs njengoba eseqeqesha i-Al Ahly yase-Egypt.
Kuphele isizini sekubambe uNcikazi kodwa bese kuyimidlalo yokuqedela nje ngoba akukho obekusazoshintsha kwiPirates.
Leli qembu bese livele lilahlekelwe yiCAF Champions League, ethathwe yiPyramids SC, yiBetway Premiership, ehambe neMamelodi Sundowns, neNedbank Cup, ekhale yemuka neKaizer Chiefs.
Abazazi zonke zeBucs bathi izikhulu zeqembu zike zasikaza ukunika uNcikazi isikhundla sokuqeqesha iqembu ngokuphelele.
Nokho kubuye kwavela igama likaMokwena ongenalo iqembu ngemuva kokuhlukana neWydad.
Ngesikhathi iPirates ibambana naMaZulu ngo 1-1 koweBetway Premiership eThekwini, ngoMeyi, uNcikazi ubuziwe ukuthi uphephile yini umsebenzi wakhe kwiBucs.
“Ngisebenzela iPirates. Uma ngisekhona, kuhle, uma kungukuthi angisekho kulungile,” kusho uNcikazi.
“Ngiyajabula ngalokhu engikwenzela iqembu futhi nalo liyakujabulela. Uma nje kusenjalo ngiyohlale ngiyisithunywa saleli qembu ngize ngitshelwe okuhlukile.”
Njengoba sekumenyezelwe umqeqeshi omusha, okunguyena uMokwena, sekuqinisekisiwe ukuthi uNcikazi uzohlala kwiBucs.
Elinye iphini kuzoba uRayaan Jacobs kanti umqeqeshi wonozinti kuzoba uTyron Damons.
IPirates izolibangisa eSpain lapho iyolungiselela khona isizini entsha idlale nemidlalo yobungani.

