CAF Champions League

OwePirates uveza indumalo ngokuhlulwa ukunqoba iChampions League

SIHLE NGUBO

I-Orlando Pirates yayikufuna ngayo yonke indlela ukunqoba indebe yeCAF Champions League kule sizini kodwa kwala sona isimo.

Lokhu kugcizelelwa umdlali wasemuva waleli qembu, u-Olisah Ndah, owakhuluma ngalokhu ngaphambi kokuthi badlale owamanqamu weNedbank Cup neKaizer Chiefs, emasontweni edlule.

IBucs yaya kulo mdlalo seyivele iwashe ijezi kwiChampions League kulandela ukushaywa yiPyramids SC yase-Egypt kowandulela owamanqamu.

Umdlalo wawuphele ngo 0-0 emlenzeni wokuqala e-Orlando Stadium, kwathi eCairo iPyramids yanqoba ngo 3-2.

Kwakubukeka sengathi iPirates seyiwele ngelibanzi ngesikhathi ihamba phambili ngo 2-1. Nokho yabuya iPyramids yahlohla amagoli amabili kwaphela kanjalo ngeZimnyama.

Sekuyinto eyaziwayo ukuthi iPyramids ishaye iMamelodi Sundowns kowamanqamu weChampions League yaba ngompetha balo mqhudelwano okokuqala ngqa emlandweni.

IPirates iphinde yangaba nenhlanhla kowamanqamu weNedbank Cup lapho ishaywe khona yiChiefs ngo 2-1.

Nasemjahweni weBetway Premiership eZimnyama ziphinde zasala njengoba isicoco seligi siphinde sakhala semuka neSundowns okwesishiyagalombili kulandelana.

UNdah, waseNigeria, usalimele futhi imidlalo eminingi yeBucs yangasekupheleni kwesizini akazange ayidlale.

“Inhloso enkulu yethu kwakungukuthi sihambe size sifike ekugcineni kwiChampions League,” kusho uNdah ngaphambi kokuthi iBucs ibhekena neChiefs.

“Amajita enza umsebenzi omkhulu kakhulu eshaya amagoli amabili ebhekene neqembu elifana naleli (iPyramids).

“Njengoba sesibheke phambili konke sekushintshile. Sinomunye umdlalo wamanqamu (iNedbank Cup), kumele siqinisekise ukuthi senza umqeqeshi ajabule ngoba usenze umsebenzi omkhulu eqenjini.”

Ngebhadi abadlali beBucs abakwazanga ukuvalelisa uJose Riveiro, osecija i-Al Ahly yase-Egypt, ngokuqukula indebe yeNedbank Cup.

Lo mqeqeshi waseSpain ugcine ehambe ingakapheli imidlalo yePremieship ngokuvumelana nabaphathi bePirates.

“Ngiyajabula ngendlela esenze ngayo kuze kube yimanje. Ibhola vele umdlalo wamaphutha.

“Ngaphandle kwamaphutha ngeke uthole amagoli. Kuningi okumele sikulungise. Siyiqembu elinabadlali abasebancane kuningi esisazokufunda.”

IPirates kulindeleke ukuthi imemezele umqeqeshi omusha njengoba isizini seyisongiwe. Kuphele isizini sekubambe uMandla Ncikazi kulandela ukuhamba kukaRiveiro.