CAF Champions League

UPercy Tau ethubeni lokulingisa uMayo esebhekene nePirates

SIHLE NGUBO 

UPercy Tau, we-Al Ahly, unethuba lokulingisa uKhanyisani Mayo weCR Belouizdad ngokushaya igoli ebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weCaf Champions League.

UMayo ungene esuka ebhentshini ngesiwombe sokuqala washaya igoli elenze kwashuba umdlalo e-Algeria ngesonto eledlule.

IPirates yayikade iye ekhefini ihamba phambili ngo 2-0 kulo mdlalo. Amagoli ashaywa uMohau Nkota ngomzuzu wesihlanu noka-27.

Nokho ngesiwombe sesibili uMayo nezakhe babevutha bhe, kucaca ukuthi abafuni ukushelwa ekhaya ompetha beMTN8, iBucs.

UMayo ushaye igoli ngomzuzu ka-66 kwaba ngu 2-1. Ngaleso sikhathi umdlalo ubusushintshe kakhulu sekuhlasela iCRB.

Umdlalo uphele sekuhlasela iCRB futhi kwale kancane ukuthi ithole igoli lokulinganisa ngaphambi kokuthi unompempe ashaye indweba yokuwuqeda.

UTau ukhona eqenjini elizobhekana nePirates e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo. Lo mdlalo wezinkunzi zase-Egypt nezaseSoweto, ubhekwe ukuthi udle ngokushuba.

Lo mdlali weBafana Bafana angase abe yisikhali se-Al Ahly sokuqumba phansi iPirates ekhaya ngoMgqibelo. IBucs ishaywe yiStellenbosch FC ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership ngeSonto khona e-Orlando Stadium.

Lokhu kungase kuyinike ithemba i-Al Ahly ukuthi ingabuya nomphumela omuhle Esigodini Sikamaminzela. Leli qembu lase-Egypt livule imidlalo yeChampions League ngokushaya iStade D’Abidjan ngo 4-2.

Ngasohlangothini lweBucs ayikaze ishaywe yi-Al Ahly ekhaya ngakho izozama ukuqhubeka nalelo rekhodi ngoMgqibelo.