OweChiefs ujabule wakhumbula ugogo beshaya iStellies
SIHLE NGUBO
‘Bekufanele sinqobe namuhla. Bekuwusuku lwethu lokuzalwa izolo, ngakho bekumele sibhiyoze kahle.’
Usho kanje uWandile Duba oqokwe njengomdlali ovelele iKaizer Chiefs ishaya iStellenbosch FC ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
Amakhosi agubha iminyaka engu-55 aba khona kodwa abeye kulo mdlalo enengcindezi enkulu njengoba imiphumela ingavumi kahle selokhu kuqale isizini.
“Ngiyajabula ukuthi siwunqobile lo mdlalo. Umqeqeshi uthe ngicindezele abadlali babo basemuva ngejubane…
“Ngethemba ukuthi ugogo uyabona ukuthi namuhla ngiqokwe njengomdlali ovelele,” kusonga uDuba obesese kakhulu.
IChiefs bekumele ihambe phambili ngomzuzu wesithupha kuqale umdlalo kodwa uBradley Cross wakha amabhilidi esebhekene noStephen Sage, unozinti weStellies.
UCross wenze iphutha emuva ngomzuzu ka-20, nokuholele ekutheni uKhomotjo Lekoloane ashaye igoli leStellies, yahamba phambili ngo 1-0.
Lokhu kubukeke kulicika ibhentshi leChiefs elisukumise uTebogo Potsane ngokushesha. Ugcine ekhishiwe uCross kwangena uPotsane, kwathi endaweni ka-Ashley du Preez, obeselimele engalweni, kwangena uMfundo Vilakazi.
Ngomzuzu ka-29 iChiefs ilitholile igoli lokulinganisa elize noWandile Duba kade kuyikhona. Lokhu kwenze ukuthi umdlalo ulingane.
Ngesiwombe sesibili iChiefs ibuye isingcono kakhulu nokwenze kwabukeka sengathi izolithola igoli. Igcine ilitholile ngomzuzu ka-57 kanti lize noDuba.
Ukunqoba kweChiefs kuyenze yanyukela endaweni yesihlanu kwilogi yePremieship ngamaphuzu angu-18.
Komunye umdlalo iCape Town City ishaye i-Orlando Pirates ngo 1-0 eDHL Cape Town Stadium, eKapa, ngoLwesithathu ebusuku.
Igoli okunqobe ngalo iCityzens lishaywe uDarwin Gonzalez. Ukushaywa kweBucs kuyincishe ithuba lokuqhwakela kwilogi yePremieship.