Awakuleli elombhoxo aqhubekile nokubhacaza kwiChampions Cup
NTOBEKO MZIMELA
Amaqembu aseNingizimu Afrika aqhubekile nokubhacaza kwi-Investec Champions Cup njengoba amathuba okudlulela emzuliswaneni olandelayo kulo mqhudelwano ephele nya.
I-Hollywoodbets Sharks ibhaxabulwe kabuhlungu yiBoardeax Beagles yaseFrance ngo 66 -12 ekuhambeni, ngesonto ntambama. Lokhu kuqinisekise ukuthi iSharks iyaphuma kulo mqhudelwano kodwa izodlala kwi kwi-EPCR Challenge Cup kulandela ukuqeda endaweni yesihlanu kuPool 1.
Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu laseThekwini liguqiswe yiTollouse yakhona eFrance ngo 20-8 eKings Park Stadium ngesonto eledlule kwi-Investec Champions Cup.
Ukungabi khona kwabadlali abayisithupha abajwayele ukuqala umdlalo kuphinde kwavela obala kwiSharks.
Leli qembu likaJohn Plumtree lindizele ezwenikazi i-Europe ngaphandle kukaVincent Koch, u-Eben Etzebeth, uMakazole Mapimpi, u-Andre Esterhuizen, u-Aphelele Fassi noJordan Hendrikse. Bonke laba badlali balimele futhi kusazothatha isikhathi ukuthi babuye.
IStomers, yasekapa lodumo, nayo ithole imbibizane ka 31-22 kwiRacing 92, yakhona belu eFrance. Nayo ibidlala ekuhambeni kulo lapho ihlulekile ukuthola okungasenani iphuzu elilodwa, yize idlale kahle.
EzikaJohn Dobson sisendaweni yesithupha kuPool 4. Yize iBlue Bulls yasePitoli izidlele amahlanga ngo 48 -7 kwiStade Francais, nakho akwanelanga ngoba balele endaweni yesihlanu kuPool 3.
Wonke amaqembu akuleli azoba nemidlalo ye-United Rugby Championship ngempelasonto.