Kuvela okutholise umqeqeshi weChiefs ikhadi elibomvu sewuphelile umdlalo
PHILI HLONGWANE
Kuvela isizathu esenze umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, wathola ikhadi elibomvu ngesikhathi ezakhe ziguqiswa yiLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto.
Kuphinde kwayibhedela iChiefs kulo mdlalo ishaywa Abafana Bes’thende emdlalweni obuphethwe iyona isikhathi esiningi, futhi iyona eyakhe amathuba angcono okushaya amagoli.
Kulo mdlalo igoli le-Arrows lishaywe ukaputeni uGladwin Shitolo ngomzuzu ka-56. Ngaleso sikhathi bekulindeleke ukuthi kube Amakhosi ashaya igoli ngoba iwona abebukeka eyingozi kakhulu uma eya phambili.
Kuthe sekuphele umdlalo uNabi wanikwa ikhadi elibomvu unompempe. Lo mqeqeshi ubonakale ekhuluma nonompempe abebephethe umdlalo ngemuva kokukhala kwempempe yokuwuqeda.
“Senze ushintsho kathathu ngesiwombe sesibili… inkinga ngekhadi elibomvu kube wukuthi ubuze unompempe ukuthi silwenze kangakhi ushintsho,” kuchaza uCedric Kaze oyiphini likaNabi nojwayele ukumtolikela.
“Bebenendlela yokuchitha isikhathi. Bebewa njalo nje uma kuke kwaba khona ukuhlangana kodwa ekugcineni wengeza imizuzu emithathu kuphela.
“Kuhlale kuyimizuzu elinganiselwa kwemihlanu. Sesidlale imidlalo engu-12, kuhlale kuyimizuzu emihlanu noma ngaphezulu eyengezwayo.
“Wengeza imizuzu emithathu kuphela bese ubavumele ukuthi bachithe isikhathi, awuwakhiphi amakhadi aphuzi. Siyazi isimo esingesihle kithina lesi…”
Ukuthola ikhadi elibomvu kukaNabi kuchaza ukuthi uzobe engekho ebhentshini uma iChiefs seyitholana phezulu neSekhukhune United emdlalweni wePremiership eMoses Mabhida Stadium, ngeSonto.