UDe Zorzi kumaProteas azodlala kwi-ICC Champions Trophy
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi wamaProteas uRob Walter usememezele iqembu labadlali abangu-15 elizoyibamba kwi-ICC Champions Trophy ePakistan nase-United Arab Emirates ngenyanga ezayo.
Leli qembu lizoholwa ukaputeni uTemba Bavuma kanti lizodlala umdlalo wokuqala ne-Afghanistan ngoFebhuwari 21 eKarachi. Imidlalo yeChampions Trophy iqala ngoFebhuwari 19 isongwe ngoMashi 9.
Abadlali ababhethayo uTony de Zorzi, uRyan Rickelton noTristan Stubbs, kanjalo nomdlali okwazi ukubhetha nokushwiba uWiaan Mulder, bakhethwe okokuqala ukuthi bayodlala umdlalo wosuku olulodwa emqhudelwaneni we-ICC.
UDe Zorzi ube nokuthinteka ngesikhathi iNingizimu Afrika ibhekene nePakistan emidlalweni emibili yeTest. Kunethemba lokuthi kuzoshaya isikhathi seChampions Trophy eseluleme ngokuphelele.
Selilonke iqembu limi kanje: Temba Bavuma (ukaputeni), Tony de Zorzi, Aiden Markram, Rassie van DER Dussen, Heinrich Klaasen, Wiaan Mulder, David Miller, Marco Jansen, Kagiso Rabada, Keshav Maharaj, Lungi Ngidi, Tabraiz Shamsi, Tristan Stubbs, Ryan Rickelton no-Anrich Nortje.