BALINGISA ISWALLOWS: IRoyal AM ingase ihlehlise ezowudlala neBucs
SIHLE NGUBO
Kubhekwe ngabomvu ukuthi iRoyal AM izowudlala yini umdlalo weBetway Premiership lapho kumele ibhekane ne-Orlando Pirates, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoJanuwari 23.
Umdlalo obekumele ube phakathi kweChippa United neRoyal AM, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoJanuwari 11, uhlehlisiwe ngenxa yezinkinga zemali ezibhekene naleli qembu laKwaZulu-Natal.
IThwihli Thwahla ishaya ngoxhaxha lwezinkinga futhi akwazeki ukuthi izophuma kanjani kuzona. Abadlali baleli qembu likaShauwn Mkhize abaholanga ngoDisemba ngakho abalubhadi ejimini.
ISouth African Revenue Service (SARS) iyona eseyengamele wonke amabhizinisi kaMkhize njengoba kuvela ukuthi ukweleta (iSARS) imali ephakathi kuka-R35 million no-R40 million.
IRoyal AM iphinde ikwelete uSamir Nurkovic imali elinganiselwa ku-R12 million, kanti le mali ilokhu ikhula nsuku zonke. Isibonelelo sika-R2.5 million sanyanga zonke esivela kwiPremier Soccer League (PSL), kuyavela ukuthi asisafinyeleli ezandleni zikaMkhize njengoba konke kuphethwe umqoqi wemali (curator).
Ngokwesitatimende esikhishwe yileli qembu bayazama ukukhulumisana neSARS ukuthi kube khona imali eyidedelayo ukuze baholele abadlali nabanye abasebenzi beqembu.
Okungahlaluki njengamanje ukuthi sikhona yini isixazululo esikhona ukuze iqembu liqhubeke nokudlala imidlalo yePremieship ka-2024/2025.
IRoyal AM seyivele ikhishiwe kwiDStv Diski Challenge kulandela ukuhluleka ukudlala imidlalo eyisithupha yokuqala yesizini. Njengamanje amaqembu adlala kwiDiski Challenge awu-15.
Leli qembu lingase lizithole lehlelwa okwenzeka kwiMoroka Swallows ngesizini edlule. IZinyoni zihlulekile ukudlala neMamelodi Sundowns kanjalo neLamontville Golden Arrows, ngenxa yokuthi abadlali bebetelekile kubangwa amaholo.
ISwallows igcine ihlawuliswe u-R1 million yiPSL ngalesi senzo. Sekuwumlando ukuthi iZinyoni zigcine zishabalele kulandela ukudayisela iMarumo Gallants isitifiketi sokudlala kwiPremiership.
IRoyal AM ibukeka ihamba ezinyathelweni zeSwallows futhi ngeke kumangaze uma ingabuyeli kwiPremiership ngesizini ezayo.
I-PSL ayifuni ukuphawula ngesimo seRoyal AM njengamanje. Impempe izamile ukuthola ukuphawula kulona leli qembu kodwa leyo mizamo yangaphumelela.