Motsepe Foundation Championship

Singase siphinde senyuke isibalo sawaseKZN kwiPremiership 

SIHLE NGUBO 

Ukwenza kahle kweDurban City kwiMotsepe Foundation Championship, kunika ithemba lokuthi leli qembu lizonyukele kwiBetway Premiership ekupheleni kwesizini ka-2024/2025.

Leli qembu laKwaZulu-Natal yilona eliqhwakele kwilogi yeChampionship njengamanje. ICity, ebeyaziwa ngeMaritzburg United isikhathi eside, izihola phambili ngamaphuzu angu-31 ngemuva kwemidlalo engu-15.

Luselude ukhalo kodwa ezikaSimo Dladla (umqeqeshi) zikhombisa ukuzimisela nokuzinikela okukhulu, nokunika abathandi bebhola baKwaZulu-Natal ithemba lokuthi azophinde ande amaqembu akulesi sifundazwe, agijima kwiPremiership.

Njengamanje iKwaZulu-Natal inamaqembu amane ayibamba esigabeni esiphezulu. Lawo maqembu yiLamontville Golden Arrows, AmaZulu, yiRichards Bay neRoyal AM.

Imithandazo ekhona eyokuthi iThwihli Thwahla ingadayiswa noma ishabalale njengoba inoxhaxha lwezinkinga zemali. Leli qembu likaShauwn Mkhize akwaziwa ukuthi lizophuma kanjani enkingeni elibhekene nayo ethinta ukukweleta izigidi ezingaphezulu kuka-R50 million.

ICity idliwe yizembe ekupheleni kwesizini ka-2022/2023 kulandela ukudlala imidlalo yokuhlunga. Le midlalo igcine inqotshwe yiCape Town Spurs nayo efike yathi xhinti isizini eyodwa kwiPremiership, yase ibuyela emuva.

Leli qembu likaFarook Kadodia lizobhekana neCasric Stars emdlalweni weChampionship, eSolomon Mahlangu Stadium, KwaMhlanga, ngoLwesihlanu ngo-3.30 ntambama.

IStars iyibambe endaweni yesikhombisa kwilogi yeChampionship. Inamaphuzu angu-21 ngemuva kwemidlalo engu-15.