Ingase ishubise iSimo kuDladla iCasric ejoja iCity kanzima
SIHLE NGUBO
Umdlalo weMotsepe Foundation Championship phakathi kweDurban City neMilford FC, uzobe ubhekwe amaqembu amaningi agijima kule ligi, ukuthi umphumela wawo uma kanjani.
La maqembu aKwaZulu-Natal azotholana phezulu emdlalweni weligi eChatsworth Stadium, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Phela iCity iyona ebukeka izokhala yemuke nesicoco njengoba sezihubela sakusha emidlalweni yeChampionship.
Isesicongweni ngamaphuzu angu-46 kanti ivule igebe lamaphuzu amahlanu phakathi kwayo neKruger United esendaweni yesibili.
Nokho iVillage Boys seyidlale imidlalo engu-26 kanti abafana baSimo Dladla yima beyodlala umdlalo ka-26 njengoba bezobhekana nomkhaya babo ngoLwesibili.
Iqembu elibukeka lizoxina kakhulu iCity kule midlalo yokugcina yiCasric Stars (enamaphuzu angu-40 endaweni yesithathu) ekhombisa ukulwa nokuvuka emaqandeni emidlalweni yakamuva.
Okuzojabulisa iqembu laseThekwini ukuthi lizoya emdlalweni walo selazi ukuthi idlale kanjani iStars ezobhekana nePretoria University, eTuks Stadium, ngoLwesibili ngo-3 ntambama.
Ukunqoba kweStars kuzoyinyusela endaweni yesibili kwilogi bese ivale igebe libe amaphuzu amathathu kuphela phakathi kwayo neCity.
Kuzobe sekulele kwiCity ukuthi iyalivula yini igebe libe amaphuzu ayisithupha uma seyigijimisana nomakhelwane kusihlwa.
IMilford mancane amathuba okuthi ingazibekisela indawo emidlalweni yokuhlunga ngokuqeda endaweni yesibili noma eyesithathu.
Izinto zilishintshele ekugcineni leli qembu kade kuhamba kahle, laze lamisa abaqeqeshi. Njengamanje lisendaweni yesikhombisa kwilogi yeChampionship.
Emsileni nakhona kushube kakhulu. Umdlalo ozobhekwa kakhulu ophakathi kwePretoria Callies neCape Town Spurs, e-Athlone Stadium, ngo-3 ntambama.
ICallies isendaweni ka-13 ngamaphuzu angu-27, kanti iSpurs isendaweni ka-14 ngawu-25.
I-Urban Warriors kumele iwunqobe nakanjani lo mdlalo ngoba idlalela ekhaya futhi iCallies isenomdlalo esalele ngawo ngemuva ezowudlala neMilford.
Konke lokhu kukhombisa ukuthi kushubile kwiChampionship njengoba amaqembu elwela ukuyodlala eyokuhlunga, kanti amanye azama ukubalekela izembe.

