Ibhola lombhoxo

ISharks idlule ngomcacamezelo kwiMunster eKings Park

SIHLE NGUBO

IHollywoodbets Sharks idlulele kowandulela owamanqamu ngomcacamezelo ngemuva kokushaya iMunster Rugby emdlalweni we-quartfinal ye-United Rugby Championship (URC) eKings Park Stadium, eThekwini.

ISharks ikhombise ukuba buthuntu kakhulu ngesiwombe sokuqala, ihluleka ukuchitha isikhathi esiningi engxenyeni yezivakashi.

IMunster iyona ekhombise ukuwulambela umdlalo uCalvin Nash eshaya itry yokuvula inkundla.

Ngemuva kwalokho kugqame amaphutha amaningi kwiSharks nobekubukeka sengathi akukho ukuzethemba kubadlali.

Isiwombe sesibili isiqale kangcono iSharks ukhombisa ukuthi ibifuna ukudlala umbhoxo ongcono.

Akuthathanga isikhathi eside u-Ethan Hooker waweqa umugqa we-try iqembu lasekhaya labuyela emdlalweni sekungu 7-7.

Bese kuhlasela iSharks kakhulu ifuna itry yokuhamba phambili okokuqala emdlalweni. Igcine ithole iphenathi kanti ibekwe phakathi uJaden Hendrikse kwaba ngo 10-7.

Nokho ibuyile iMunster yashaya itry yesibili eze noJosh Wycherley kwaba ngu 14-10. Iphinde yashaya enye itry eze noDiarMuld Kilgallen kwaba ngu 21-10.

Lapho ingcindezi ibuyele kwiSharks obese kumele ishaye ama-try amabili ngokushesha ukuze ibuyele emdlalweni.

Kubuye ithemba u-Aphelele Fassie eshaya itry yeSharks kwaba ngu 21-17 sekusele imizuzu engaphansi kweshumi kuphele umdlalo.

Kuchwaze inkundla uFez Mbatha eshaya itry yesithathu yeSharks kwacaca ukuthi umdlalo uzophela zidudulana njengoba bese kungu 24-21.

IMunster ithole iphenathi yalinganisa kwaba ngu 24-24. Lapho bese kucaca ukuthi iqembu ebelizothola amaphuzu yilona ebelizonqoba umdlalo.

Umdlalo kuphoqeleke ukuthi uye esikhathini esengeziwe njengoba uphele ngo 24-24 emizuzwini engu-80. Esiwombeni sokuqala esikhathini esengeziwe alikho iqembu elishaye itry noma iphenathi kwashintshwa zisabambene.

Nangesiwombe sesibili alikho iqembu elithole amaphuzu nokuphoqe ukuthi lishaywe amaphenathi (kickoff) ukuze kuphume iqembu elinqobile.

Kugcine kunqobe iSharks kanti izobhekana neVodacom Bulls emdlalweni owandulela owamanqamu eLoftus Stadium, ePitoli.