iNedbank Cup

ISundowns ingompetha beligi ‘nompetha’ bamakhadi abomvu

SIHLE NGUBO 

IMamelodi Sundowns ibukeka iwabutha kakhulu amakhadi abomvu emidlalweni yakamuva nokushiya imibuzo mayelana nokuziphatha kwabadlali bayo.

Umdlali waBafana Ba’Style wakamuva ukuthola ikhadi elibomvu uBathi Aubaas obesethola ikhadi lesibili elibomvu kule sizini.

ISundowns iqede ingasaphelele emdlalweni weNedbank Cup Last 32 ngesikhathi ishaya iSibanye Golden Stars ngo 5-2 eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo.

Abanye abadlali beSundowns asebeke bathola amakhadi abomvu kule sizini uDivine Lunga, uKhuliso Mudau, uRonwen Williams no-Aubrey Modiba.Ngomzuzu ka-77 u-Aubass uphume ngekhadi elibomvu kulandela ukushaya umdlali weSibanye ngendololwane. Besingekho nesidingo sokwenza lokho ngoba ibhola belingekho kulaba badlali.

U-Aubass noMudau bathole amakhadi abomvu ngesikhathi iSundowns ibhekene neRaja Club Athletic emdlalweni weCaf Champions League.

Unozinti uWilliams naye uphume ngekhadi elibomvu ngesikhathi ompetha beligi bebhekene naMaZulu FC emdlalweni weBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium, ngoDisemba 24.

ULunga ukhishwe ngekhadi elibomvu ngesikhathi iSundowns ishaya omakoti beligi iMagesi FC ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu.

UModida uthole ikhadi elibomvu ngoDisemba ngesikhathi iSundowns ibambana ne-AS FAR Rabat emdlalweni weChampions League.

Konke lokhu kuyamkhathaza umqeqeshi weSundowns uMiguel Cardoso, ozwakalise ukungenami kwakhe ngemuva komdlalo wabo neSibanye.

“Iyona into engenze ngangajabula leyo ngemuva kwesigameko sika-Aubass,” kusho uCardoso ngemuva komdlalo.

“Akumele sibe nenkinga yokuziphatha kwabadlali ukuze siqhubekele phambili nawo wonke umuntu.

“Angibonanga ukuthi kwenzekeni ngakho ngeke ngikhulume ngakho. Engikwaziyo ukuthi uthole ikhadi elibomvu futhi ubedlala njengokujwayelekile. Akukho mayelana nokuthi ubedlala kanjani.”