iNedbank Cup

Ufikelwe izinyembezi oweChiefs ethola umklomelo koweNedbank Cup 

SIHLE NGUBO 

Kwehle izinyembezi zenjabulo kuGeorge Matlou ngemuva kokuthi eqokwe njengomdlali ovelele beshaya iFree Agents FC ngo 4-0 emdlalweni weNedbank Cup Last 32, eFNB Stadium, ngeSonto.

Okukhalise lo mdlali ukuthi usethola ithuba lokudlala futhi uwuqedile umdlalo ngeSonto, okuyinto ebiqala ukwenzeka selokhu alimala.

“Njengamanje ngizwa kuthi angikhale. Akulula ukuhlala izinyanga eziyishiyahalolunye ungadlali,” kusho uMatlou ngemuva komdlalo echiphiza.

“Ngiyabonga kodotela beqembu nakubaqeqeshi ngokukholelwa kimina. Kusho lukhulu kimina, akulula ukuba kulesi simo…

“Uhambo belungelula, akulula ukudlalela iKaizer Chiefs. Kuyinto enkulu kimina ukugqoka ijezi leChiefs, ngiyabonga kakhulu kubaqeqeshi ngethuba.”

Ukunqoba kweChiefs bekusho ukuqeda ishobolo kokushaywa amaqembu agijima kumaligi aphansi kulo mqhudelwano.

Amakhosi aseke ahlazwa yi-University of Pretoria, iBaroka FC, iRichards Bay FC (isadlala esigabeni esiphansi), iTS Galaxy neMilford FC, ngesizini edlule.

Izivakashi ziqale zabambelela, zangayivumela ukuthi iChiefs izenzele umathanda. Nokho bekulokhu kungaMakhosi abephaselana ibhola kahle futhi eyingozi uma eya phambili.

I-Free Agents igcine ivulekile emuva nokuholele ekutheni uPule Mmodi ashaye igoli lokuqala leChiefs ngomzuzu ka-18. Ubuyile futhi uMmodi ngomzuzu ka-26 washaya igoli lesibili leqembu lasekhaya.

Bekubukeka sengathi amagoli azoba maningi kulo mdlalo kodwa kwavuka isifo esidala seChiefs sokwakha amathuba amahle kodwa ihluleke ukubeka ibhola enethini.

Ngesiwombe sesibili iChiefs yenze ushintsho ikhipha ukaputeni uYusuf Maart noNkosingiphile Ngcobo, yafaka uSibongiseni Mthethwa noGaston Sirino.

Bese ivele ike yalwenza ushintsho obeluphoqelekile iChiefs, kuphuma uWandile Duba, obeselimele, kwangena uRanga Chivaviro.

Igoli lesithathi leChiefs lize ngomzuzu ka-62, kanti lingqofelwe phakathi u-Inacio Miguel. Ukungena kwaleli goli kuholele ekutheni kukhishwe ngekhadi elibomvu uSaheed Adebayo obekhononda ngalo kunompempe.

UChivaviro ugcine elibekile igama lakhe ebhodini ngesikhathi eshaya igoli lesine ngomzuzu ka-83.

IChiefs izobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni womkhaya weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.