iNedbank Cup

Kukhuze uXoki zithathana ebhentshini leBucs koweNedbank Cup 

SIHLE NGUBO 

Kulamule uTapelo Xoli kusuka ukungezwani ebhentshini le-Orlando Pirates ngesikhathi ibhekene neRichards Bay FC emdlalweni weNedbank Cup Last 32, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto.

Kuvela ukuthi ukujikijelana ngamazwi phakathi komqeqeshi wePirates, uJose Riveira, nomdlali wasesiswini, uThalente Mbatha, kusuke ngemuva kokuthi lo mdlali weBafana Bafana ekhishiwe ngesiwombe sesibili.

Kulo mdlalo iPirates inqobe ngo 3-1 kanti amagoli ayo ashaywe uPatrick Maswanganyi (amabili) noTshegofatso Mabasa. Elokubika leNatal Rich Boyz lize noYanela Mbuthuma.

UMbatha akabanga nomdlalo omuhle ngeSonto. Kube yikanye kuphela lapho edonse isigubhu esiyingozi esiphume phezu kwapali.

Esiwombeni sesibili iBucs ibingasadlali kahle nokwenze ukuthi iBay ishaye igoli kube ngu 2-1. Lokhu kuphoqe umqeqeshi weZimnyama ukuthi enze ushintsho ngokushesha.

UXoki naye ubekubadlali abakhishiwe kodwa wazithola esengumlamuli phakathi komqeqeshi noMbatha ebhentshini.

Ukuziphatha kukaMbatha ngale ndlela kukhombisa ukuthi ubengafuni ukukhishwa, yize ingaziwa ngqo inkulumo yabo nomqeqeshi.

Konke lokhu kushiya imibuzo ukuthi lo mdlali ngabe uzobe ekhona yini emdlalweni omkhulu womkhaya lapho iPirates izokwamukela iKaizer Chiefs koweBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.