‘Yonke imidlalo esiyidlalayo ifana neyamanqamu,’ kusho oweBucs
SIHLE NGUBO
Umdlali osemncane we-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng, uthi yonke imidlalo abayidlalayo ifana neyamanqamu futhi bayazimisela kakhulu kuyona.
Usho lokhu ngemuva kokuthi iBucs ishaye iRichards Bay ngo 3-1 emdlalweni weNedbank Cup Last 32, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto.
IBucs, okuyiyona evikela le ndebe, ayidlalanga ibhola eyaziwa ngalo lokupheselana kahle ibhola, nobekwenza ukuthi yenze amaphutha amaningi. Nokho okubalulekile ukuthi ikwazile ukudlulela phambili.
“Bekungumdlalo onzima sibhekene neBay. Yinto enhle ukuthi sidlulelile phambili futhi sizozama ukuqhubeka kanje,” kusho uMofokeng, oqokwe njengomdlali ovelele, ngemuva komdlalo.
“ITheku yikhaya lethu, sihlale sifuna ukujabulisa abalandeli bethu uma silapha. Sidlala yonke imidlalo sengathi eyamanqamu ngoba awukho umdlalo ongabalulekile kithina.”
Abalandeli baseMlazi bebephume ngobuningi babo kulo mdlalo, nokufakazelwe ukuthi kumenyezelwe ukuthi amathikithi adayise aphela ngaphambi kwawo.
Umdlalo nawo awuphoxanga nakancane njengoba amaqembu abehlaselana zisuka. Inkundla ifudunyezwe yigoli likaPatrick Maswanganyi olibeke enethini ngomzuzu ka-22.
INatal Rich Boyz ayilehlisanga izinga izama ukuhlasela ukuze ithole elayo igoli. Nokho kuphinde konakala ngomzuzu ka-26 uMaswanganyi eshaya igoli lesibili leZimnyama.
Ngesiwombe sesibili iBucs iphoqeleke ukuthi ikhiphe uDeone van Rooyen, obesethintekile, yafaka uSiyabonga Ndlozi.
IBay iwuqale kahle umdlalo kulesi siwombe njengoba uYonela Mbuthuma eshaye igoli kwaba ngu 2-1 ngomzuzu ka-47. Iqembu lasekhaya bekumele lithole igoli lokulinganisa kodwa uMbuthuma walilahla ithuba.
Bezibonakala izikhala emuva kwiPirates emuva futhi ibinokulahla ibhola kalula esiswini, kodwa iBay yangakusebenzisa konke lokho.
I-Pirates iyihlawulisile ngalokhu iNatal Rich Boyz uTshegofatsa Mabasa eshaya igoli ngomzuzu ka-90+3. Kuvele kwacaca ukuthi sekuphelile ngeBay kwiNedbank Cup ka-2025.