Ikhilikithi

I-MI Cape Town ikuqede kabuhlungu ukukhonya kweSunrisers kwiSA20

SIHLE NGUBO 

I-MI Cape Town ishintshe ukudla epuleteni iba ngompetha beBetway SA20 kulandela ukushaya iSunrisers Eastern Cape ngama-run angu-76 emdlalweni wamanqamu eWanderers Stadium, eGoli, ngoMgqibelo.

UKagiso Rabada uthathe amawikhethi amane kulo mdlalo ukuqinisekisa ukuthi iqembu lakhe liphoxa iSunrisers ebifuna ukukhonya okwesithathu.

ISunrisers iyona ebe ngompetha ngo-2023, uqala lo mqhudelwano, yaphinda futhi yanqoba ngo-2024 sewubuya isibili.

Nokho nonyaka iMI Cape Town ithe phinde, ngeke ivumele ukukhonya kweSunrisers eholwa ngukaputeni u-Aiden Markram.

ISunrisers iwine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala kulo mdlalo. I-powerplay beyiza kahle ivuna iSunrisers kodwa yabuye yayidedela ngokuhamba komdlalo.

EzaseKapa zigcine zenze ama-run angu-181 nokucacile ukuthi kuzoba umqansa kakhulu kweSunrisers.

Abadlali ababhethile kwiMI Cape Town abafikanga ku-50 bonke. Nokho lokho bekwanele ukuthi babeke ama-run angu-181 ebhodini bese babe ompetha balo nyaka.

“Yinto ebidingeka lena kimina. Ngiyajabula ukuthi siwunqobile umdlalo,” kusho uRishad Khan ongukaputeni weMI Cape Town.