I-PSL iyindoda eyesaba ukufaka idivosi ‘kumfazi ophingile’ oyiRoyal AM
SIHLE NGUBO
Kuhlale kuzoba nzima ukwehlukana nonkosikazi wakho ebese nazana naye iminyaka, nakhe umuzi futhi ninabantwana.
Amadoda akusho kalula nje uma ebhunga ukuthi ‘umfazi ophingile alithethwa icala lakhe, uyayekwa nje kwaphela.’ Nokho lokhu kulula ukukusho uma kuphungwa amankwebevu, bese kuba nzima ukukwenza uma leso simo sesikuqondile.
Indlela iPremier Soccer League (PSL) ethule ngayo ngodaba lweRoyal AM, ikhombisa ukuthi iyesaba ukuthatha isinqumo noma ayazi nhlobo ukuthi yikona kuphi okumele ikwenze.
IRoyal AM ayikwazanga ukudlala imidlalo emine edlule njengoba ibhekene nenkinga yemali. Abadlali bayo abaholanga ngoDisemba base bekhetha ukungalubhadi ejimini.
Imidlalo yeBetway Premiership engayidlalanga iRoyal AM eyayizowudlala neChippa United nebizowudlala ne-Orlando Pirates ngoJanuwari.
Ngeledlule bekumele idlale neStellenbosch FC kodwa nalowo mdlalo awubanga khona. Isihlehlisiwe yonke imidlalo engu-19 yeRoyal AM ngokoluhla lwemidlalo yePSL.
Leli qembu liphinde lahluleka ukudlala umdlalo weNedbank Cup Last 32 neMilford FC. Njengamanje aseqhathiwe amaqembu azodlala kwiLast 16 kodwa akukacaci ukuthi kuzokwenzekani ngalo mdlalo.
I-PSL kubhekwe icacise ukuthi kuzokwenzekani ngesimo efakwe kusona yiRoyal AM. Inkinga enkulu ukuthi imidlalo esiyidlalile kuzokwenzekani ngayo namaphuzu akhona.
Yonke into ethinta amabhizinisi kaMkhize ingaphansi kwabaqoqi bemali abathunywe yiSARS. Kuvela ukuthi uMkhize ukweleta iSARS imali elinganiselwa ku-R40 million.
Ngaphezu kwalokho uphinde akwelete uSamir Nurkovic imali elinganiselwa ku-R12 million. Konke lokhu akubukeki kuyinto ezodlula kalula kwiRoyal AM.
Nokho into esididisa abalandeli bebhola manje ukuthula du kwePSL, njengoba imidlalo yeligi iqhubeka. Ezinkundleni zokuxhumana kuyaqagelwa nje okungase kwenzeke ngeRoyal AM.
Babodwa abalindele amaphuzu amathathu namagoli amathathu ngemidlalo yeBetway Premiership obekumele idlalwe yiThwihli Thwahla namaqembu abo.
Abanye bathi iRoyal AM kuzomele ixoshwe unomphelo ebholeni laseNingizimu Afrika, ingaphinde ivunyelwe nokuthenga esinye isitifiketi sokudlala.
Kukhona ababona ithuba elihle lokuthi ekupheleni kwesizini kwehle amaqembu amabili azoqeda ekugcineni kwiPremiership (kumbandakanya nayo iRoyal AM) bese kunyuke amanye amabili azoqeda phezulu kwiMotsepe Foundation Championship.
Konke lokhu kuwukuqagela nje futhi isinqumo esingujuqu kumele sithathwe yiPSL. Okuvelayo ukuthi iFifa ayingeni kulesi simo iyaye iyekele leyo ligi ukuthi ithathe isinqumo esimeni esinjena.
Akwaziwa noma kukhona okukhulunywa yiPSL neRoyal AM njengamanje. Okuke kwavela ukuthi inkantolo ilichithile leli qembu ngesikhathi lifaka isicelo sokuthi liphoqe iPSL ukuthi ivume lidlale imidlalo ehlehlisiwe nesele.
Ayifuni ukuphefumula ngalolu daba iPSL okwenza kubukeke sengathi kwayona ididekile. Siyahamba sona isikhathi futhi uMeyi uzofika kungekudala, igoqwe isizini.
Ukuhlala nomfazi okuphingelile, futhi sekucaca ukuthi into yenu ngeke isalungiseka, kungaba nomphumela ongemuhle neze. Kuzomele isifake isehlukaniso iPSL kunzima kunjalo.