IBetway Premiership

Sibukeka sesikude neBucs isicoco seligi esemuka neDowns

SIHLE NGUBO 

IMamelodi Sundowns ibukeka seyiyishwebisile isicoco seBetway Premiership i-Orlando Pirates, kulandela ukuhlanganisa amaphuzu angu-67 ngeSonto.

Abafana Ba’Style babhaxabule iStellenbosch FC ngo 3-0 emdlalweni weBetway Premiership, eLucas Moripe Stadium.

Lokhu kuchaza ukuthi iDowns idinga iphuzu elilodwa kuphela emidlalweni emibili esele, ukuze ikhale yemuke nesicoco seligi okwesishiyagalombili kulandelana.

Empeleni nje uma ingadlala ngokulingana iBucs neLamontville Golden Arrows, ngoLwesibili, iSundowns izoba ngompetha beligi ingadlalanga.

Njengamanje iPirates isendaweni yesibili ngamaphuzu angu-52, nokuchaza ukuthi ingahlanganisa amaphuzu angu-67 kuphela uma inqoba yonke imidlalo eyisalele.

Emdlalweni wangeSonto iStellies yenze iphutha ziduka emuva izama ukuphasela unozinti, lacisho lakhala phakathi kodwa lashaya ipali walibamba u-Oscarine Masuluke.

Nokho unompempe uthe akube yi-free kick ngoba bekuyiphasi eya emuva, okungamele ayibambe ngezandla unozinti.

Ube eselibeka phakathi uLucas Ribeiro ngomzuzu wesithupha, kanti bese kuyigoli lakhe lika-14. Bese kunesikhathi lo mdlali agcina ukushaya igoli emdlalweni weligi.

Kuphele imizuzu eyisithupha yabuya futhi iSundowns yashaya elinye igoli 

elize no-Iqraam Rayners ngomzuzu ka-12.

Lo mgadli ubeseshaya igoli lakhe lika-13 kule sizini, nokuchaza ukuthi umncintiswano wamagoli amaningi uphakathi kwakhe noRibeiro.

Kuvele kwacaca ukuthi kuseza inqwaba yamagoli ngesikhathi u-Arthur Sales eshaya igoli lesithathu laBafana Ba’Style ngomzuzu ka-18.

Ngesiwombe sesibili iStellenbosch izamile ukungavumeli iSundowns ukuthi ishaye amanye amagoli.

Kulesi siwombe kulimale unozinti weDowns uDenis Onyango, kwangena uJody February endaweni yakhe. Nokho umdlalo ugcine uphele ngo 3-0.