iNedbank Cup

UTitus udlale sakubukisa kwabeBafana iStellies inqoba kwiNedbank

SIHLE NGUBO 

Umdlali weStellebosch FC, uDevin Titus, ube nomdlalo omuhle ebukwa abaqeqeshi beBafana Bafana iqembu lakhe liqumba phansi iPolokwane City ngo 2-0 emdlalweni weNedbank Cup Last 16, eDanie Craven Stadium, ngoLwesine.

Ngaphandle kokushaya igoli kulo uTitus ubeyiphela endlebeni kwiRise and Shine futhi bekumele ashaye ngegoli lesibili. Uyena oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

“Ngiyabonga kubo bonke abalandeli lokhu (umklomelo) okwabo,” kusho uTitus ngemuva komdlalo.

“Konke ngikwenza ngenxa yokubambisana neqembu, ngaphandle kwalo ngeke ngikwazi ukushaya amagoli.”

IRise and Shine beyiye kulo mdlalo ingezona izimfivilithi kulandela ukushaywa yiRichards Bay FC ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership odlule.

Iqembu lasekhaya lisheshe lacacisa ngokuhlasela zisuka, ukuthi lifuna ukudlulela kuma-quarterfinal alo mqhudelwano. Ngomzuzu ka-12 libhobokile ithumba uBulelani Nikani (wePolokwane) elihlaba ngasekhaya kwaba ngu 1-0.

Ngemuva kwalokho iStellies ithole inqwaba yamathuba kodwa yehluleka ukushaya igoli lesibili. Kodwa kuphinde konakala ngomzuzu ka-37 uDevin Titus eliqabulisa inethi kwanda umsebenzi kwiPolokwane.

Lo mdlalo bewethanyelwe umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, nephini lakhe uHelman Mkhalele. Akungabazeki ukuthi uTitus, ohlale ebizwa kwelesizwe, ujabulile ukushaya igoli phambi kukaBroos noMkhalele.

Ngesiwombe sesibili iStellies bekumele ishaye okungasenani amagoli amabili uma kubhekwa amathuba ewatholile. Nokho ibilokhu igeja, kanti kukhona neliphikiwe kwathiwa yi-offside yize kubukeke kungeyona.

IStellenbosch ijoyine iSuperSport United ngokudlulela kuma-quarterfinal kwiNedbank Cup ka-2025. EzikaGavin Hunt zishaye iCape Town Spurs ngo 2-1 ngoLwesithathu.

Amaqembu azodlala kuma-quarterfinal azoqhathwa ngoMsombuluko uma sekudlalwe yonke imidlalo yeLast 16. Nokho okwaziwa ukuthi kuzomiswa kanjani ngomdlalo othinta iRoyal AM, yiMilford FC neSekhukhune United.

Uhlehlisiwe umdlalo weLast 16, kanti oweLast 32 okwakumele ube phakathi kweRoyal AM neMilford FC awuzange ube khona, ngenxa yezinkinga zemali ezibhekene neThwihli Thwahla.