‘Senza okufanayo sibhekene neChiefs kwiNedbank,’ kukhala uCardoso
SIHLE NGUBO
Ukhale ngamaphutha kubadlali bakhe umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, kulandela ukukhishwa yiTS Galaxy kwiNedbank Cup ngoMgqibelo.
Abafana BaS’tyle bashaywe yiRockets ngo 2-0 emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup, kwaphela kanjalo ngephupho lokunqoba le ndebe kule sizini.
IRockets isheshe yacacisa ukuthi ifuna ukuqeda ngeSundowns, ishaya amagoli amabili ngesiwombe sokuqala.
ISundowns izamile ukwenza ushintsho ekuqaleni kwesiwombe wesibili, kodwa yagcina ihluleke yancama ukubuyela emdlalweni.
Kukhona abalandeli abagxeka uCardoso ngesikimu abasibophele kodwa lo mqeqeshi umunwe uwukhomba kubadlali bakhe.
“Ngicabanga ukuthi into ebalulekile emdlalweni ofana nalona, ukuthi ngeke ukwazi ukuvele ushaywe ngo 2-0 ngenxa yamaphutha esiwenzile,” kusho lo mqeqeshi wasePortugal.
“Ngiyakhumbula ukuthi ngonyaka odlule kowandulela owamanqamu kule ndebe, sasihamba phambili ngo 1-0 sibhekene ne(Kaizer) Chiefs, senza iphutha ngebhola sabavumela bashaya igoli.
Kule sizini iSundowns seyiphuthelwe izindebe ezintathu zePSL, iMTN8, iCarling Knockout Cup neNedbank Cup.
“Yinto engakholakali ukuthi uphinde uphisane ngebhola emdlalweni eyingozi udedele igoli,” kuqhuba uCardoso.
“Ngemuva kwalokho wenza iphenathi okuyinto obungayigwema.
“Okwenzeke emdlalweni yilokho ngqo, ukuthi bese silandela ngemuva ngo 2-0, sizama ukubuya kulokho.
“Siwakhile amathuba amane amahle kakhulu, kodwa sangawashaya amagoli.
“Ukube sishaye noma elilodwa kulawo bekuzoba nomehluko omkhulu.
“Kumele sizigxeke thina, akukho okunye okuningi esingakusho.”
ISundowns kuzomele ivuke izithathe ngoba inomdlalo obalulekile weligi phakathi nesonto.
Izobhekana naMaZulu FC emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Usuthu lushayela phezulu ngemuva kokushaya iRichards Bay FC ngo 1-0 emdlalweni weNedbank Cup Last 16, ngoLwesihlanu.
NgoMsombuluko azoqhathwa amaqembu azobhekana kuma-quarterfinal kwiNedbank Cup ka-2026.

