IBetway Premiership

Izinyembezi ku-Arendse iSuperSport igwema eyokuhlunga

SIHLE NGUBO

ISuperSport United isindile ekuyodlaleni imidlalo yokuhlunga kulandela ukubambana ngo 1-1 neLamontville Golden Arrows emdlalweni weBetway Premiership, eLucas Moripe Stadium, ngoLwesine emini.

Lo mdlalo wamiswa ngesikhathi kucisha ugesi eLucas Moripe Stadium ngoFebhuwari 23. Ngesikhathi kwenzeka lokhu kwakungu 1-1.

NgoLwesine umdlalo uqale esiwombeni sesibili kanti iSuperSport ibidinga ukudlala ngokulingana kuphela ukuze igweme imidlalo yokuhlunga.

NgoFebhuwari igoli le-Arrows lashaywa uVelemseni Ndwandwe kwathi eleSuperSport labekwa phakathi uChristian Saile. Bobabili laba badlali bebengekho kulo mdlalo.

Lokhu kuchaza ukuthi iCape Town City izodlala imidlalo yokuhlunga ne-Orbit College neCasric Stars, abaqede endaweni yesibili neyesithathu kwiMotsepe Foundation Championship.

ISuperSport neCity banamaphuzu angu-27 kodwa AmaTsatsantsa a Pitori aqede engaphezulu ngenxa yomehluko wamagoli.

Ngemuva komdlalo u-Andre Arendse, ongomunye wabaqeqeshi abebebambile, kulandela ukuhamba kukaGavin Hunt, ujabule waze wakhala.

Bekucaca ukuthi kusho lukhulu kwiSuperSport ukugwema ukuyodlala imidlalo yokuhlunga ngoba nakhona kusuke kusengenzeka noma yini.

Imidlalo yokuhlunga kusengenzeka ibe nengwijikhwebu njengoba kusalindwe isinqumo sePSL ngecala elifakwe yiJDR Stars neCape Town Spurs ngomdlali weDurban City engompetha beMotsepe Foundation Championship.