IBetway Premiership

OweDowns ulokhu evula igebe ngokushaya amagoli kweyeligi

SIHLE NGUBO 

Umdlali weMamelodi Sundowns oshisa engabaselwe, uLucas Ribeiro, uvule igebe kubadlali asebeshaye amagoli amaningi kweyeligi kulandela ukushaya igoli ezakhe zinqoba ngo 3-1 kwiMarumo Gallants, koweBetway Premiership, eDr Molemela Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mdlalo obudle ngokushesha nezigameko akungabazeki ukuthi ushiye abalandeli bengawuvali umlomo ngoLwesithathu. ULucas Ribeiro uqokwe njengomdlali ovelele kuwona.

Umdlalo uqale ushesha kakhulu kodwa njengenjwayelo ubuphethwe yiSundowns. Bekubukeka sengathi ompetha beligi yibona abazoshaya igoli kuqala kodwa baphika osokhaya.Ngomzuzu ka-37 uJunior Dion ushaye igoli, yahamba phambili iGallants. Kulo mnyakazo iqembu lasekhaya lihlasele ngokuzuma njengoba iSundowns ibisaqhubeka nokuhlasela.

Ngemuva kwalokho Abafana Ba’Style bebefika kuvalwe amehlo emzini weGallants kodwa zagcina ziye ekhefini kungu 1-0.

Ngesiwombe sesibili iSundowns ibuye seyivutha kakhulu kunakuqala, iphaselana ibhola kahle engxenyeni yeGallants.

Ligcine liqhamukile igoli kanti kube umgundatshani okhahlelwe uMarcello Allende ngomzuzu ka-51, kwaba ngu 1-1.

Ngemuva kwalokho umqeqeshi uDan Malesela wenze ushintsho efaka uGabadinho Mhango ekhipha uDion oshaye igoli. UMhango ungene waba wuhlupho kubadlali basemuva beSundowns.

Umdlalo ubusuvulelekile kucaca ukuthi noma yiliphi iqembu lingalishaya igoli. IGallants ilalile emuva uLucas Ribeiro washaya igoli ngomzuzu ka-79.

Lo mdlali waseBrazil ubeseshaya igoli lakhe leshumi emidlalweni yeBetway Premiership kule sizini. Lokhu kuchaza ukuthi ushiya abanye abadlali ngamagoli amane.

Igoli lokuvala umdlalo lishaywe ngu-Iqraam Rayners ngomzuzu ka-81 kwacaca ukuthi sekuphelile ngeqembu lasekhaya.

Ngomzuzu ka-90 uDenis Onyango uthole ikhadi elibomvu ngokudlalisa kabi uMhango ngaphandle kancane kwebhokisi. Lo nozinti ubesethola ikhadi lesibili elibomvu.

Ngenxa yokuthi iSundowns bese yenze ushintsho kahlanu kuphoqeleke ukuthi kuvimbe uThapelo Morena emizuzwini eyisithupha ebeyengezwe unompempe.

Ukunqoba kweSundowns kuchaza ukuthi seyivule igebe lamaphuzu angu-12 esicongweni. Umdlalo weLamontville Golden Arrows ne-Orlando Pirates awubanga khona ngenxa yenkundla ebigcwele amanzi eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.

Emdlalweni olandelayo iSundowns izobhekana neTS Galaxy ekhaya ngoMgqibelo. IRockets isanda kushaywa iSundowns ngo 1-0 emdlalweni weligi.