EzakamuvaIbhola

Uzosicosha phansi ozothenga isitifiketi sokudlala seRoyal AM 

SIHLE NGUBO 

Angase ahleke yedwa ozogcina ethenge isitifiketi sokudlala seRoyal AM, edayiswa yiSARS ukuze ithole imali eyikweletwa uShauwn Mkhize.

I-SARS igcine ilitholile ilungelo lokudayisa iThwihli Thwahla njengoba uMkhize eyikweleta imali elinganiselwa ku-R40 million.

Ngokubika kweSABC Sport isitifiketi sokudlala seRoyal AM sizoqala ku-R15 million. Ngokujwalekile ukuthenga isitifiketi sokudlala kwiPremiership kubiza imali elinganiselwa ku-R50 million.

UMkhize, ongumnikazi weRoyal AM, kukholakala ukuthi ubeyifake enkantolo iPSL, ngoba efuna iqembu lakhe liqhubeke nokudlala imidlalo yePremieship esele, yize lingaphumelelanga ukudlala emihlanu edlule.

Nokho lokhu uma kwenzeka sekuyoba ngaphansi komnini omusha weqembu njengoba kulindeleke ukuthi lingapheli isonto elizayo lingadayisiwe yiSARS.

Kuvela ukuthi imali kaSamir Nurkovic, elinganiselwa ku-R12 million, ayibalwa kulo R15 million, ngakho umuntu ozothenga isitifiketi kumele azi ukuthi yona ayikakhokhwa.

IMilford FC neRoyal AM bekumele badlale kwiLast 32 yeNedbank Cup kodwa lowo mdlalo wangaba khona eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

Kuqhutshekiwe aqhathwa amaqembu azodlala kwiLast 16 kwavela ukuthi iMilford noma iRoyal AM kumele ibhekane neSekhukhune United enkundleni yaKwaZulu-Natal, ngoba elilodwa lalawa belizodlalela ekhaya.

Lowo mdlalo awudlalwanga kwaze kwaba kuqhathwa imidlalo yama-quarterfinal lapho sekungene khona iMamelodi Sundowns kulo mdlalo ongakadlalwa.

I-PSL bekulindeleke ukuthi iyixoshe iRoyal AM kodwa sengathi ngeke sithathwe manje leso sinqumo. Inkinga ezobhekana nomthengi omusha ukudlala imidlalo eminingi esele nokuthi iqembu lingazithola lidliwa yizembe ekupheleni kwesizini.