Umqeqeshi weDowns akeneme ngokunikwa amakhadi kwabadlali bakhe
SIHLE NGUBO
Iyamkhathaza indaba yokuthola amakhadi abomvu kwabadlali beMamelodi Sundowns umqeqeshi weqembu uMiguel Cardoso.
Leli qembu lihamba lodwa ngokuqoqa amakhadi abomvu selokhu kuqale isizini ka-2024/2025. Empeleni kule sizini nje iyodwa sekuze kwaba yikayishiyagalolunye kuphuma ikhadi elibomvu liqonde kumdlali weSundowns, kuyo yonke imiqhudelwano.
UDenis Onyango, ongunozinti kuBafana Ba’Style, ungumdlali wakamuva ukuthola ikhadi elibomvu. Lo nozinti uphume ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-90, kulandela ukudlalisa kabi uGabadinho Mhango weMarumo Gallants ngoLwesithathu ebusuku.
Kulo mdlalo weBetway Premiership ompetha beligi bashaye iGallants ngo 3-1 yize beke balandela ngemuva ngo 1-0 ngesikhathi sekhefu.
Amagoli eSundowns ashaywe uMarcello Allende, uLucas Ribeiro no-Iqraam Rayners. Elokubika ukuthi ibikhona enkundleni leGallants, lishaywe uJunior Dion.
Yize ejabulile ngomphumela uCardoso kodwa kuyamkhathaza ukuthi umbala obomvu udlalela kakhulu abadlali bakhe, okwenza baqoqe amakhadi abomvu kalula.
“Ngenelisekile ngomdlalo. Ngicabanga ukuthi sidlale omunye wemidlalo yethu ephezulu (ngoLwesithathu),” kusho uCardoso.
“Ngesiwombe sokuqala umdlalo uqale ngesivinini esikhulu. Besivele sifuna ukwenza lokho ukuqala ngegiya eliphezulu sihlasele.”
Uvumile nokho ukuthi kukhona lapho bephoqelekile ukuthi bavale emuva ngoba iGallants ibibuye ize mawala kubona.
“Banabadlali abasheshayo nabafaka ukushisa kakhulu phambili,” kuqhuba uCardoso.
“Nokho sizamile ukubhekana nabo ngendlela. Ephutheni elilodwa sidedele igoli…”
Umdlalo uphele sekuvimbe uThapelo Morena emizuzwini eyisithupha ebeyengezwe unompempe. ISundowns bese ishintshe ngabo bonke abadlali ngesikhathi kuphuma u-Onyango ngekhadi elibomvu.
“Amakhadi alula ukuthi anikwe abadlali bethu kodwa angifuni ukukhuluma. Akukho mayelana neMarumo kodwa kumayelana nokuthi amaqembu abhekana neSundowns ahlale efuna ukumisa umdlalo ngoba siyahlasela, siqinile futhi kusuke sekuseduze sishaye igoli…
“Nanamuhla lokho kwenzekile kodwa angizange ngibone kuphuma ikhadi kubadlali abebechitha isikhathi. Sibonile ukuthi uDenis (Onyango) okokuqala ngesikhathi kumele akhahlele ibhola liye phambili, uthole ikhadi eliphuzi.
“Kuphindile futhi ngesikhathi sekudlalwa wathola elinye ikhadi eliphuzi kwase kuba wukuthi uphuma ngekhadi elibomvu. Ngicabanga ukuthi amakhadi aphuma kalula uma kuyiSundowns.”
Ukuphuma kuka-Onyango ngekhadi elibomvu kumele kumkhathaze uCardoso njengoba bekuyiwe emdlalweni wangoLwesithathu uRonwen Williams ethintekile.
“Nakanjani lokhu kuzosithikameza ngoba ngeke wazi kuzokwenzekani emdlalweni olandelayo. Ngicabanga ukuthi uRonwen (Williams) uzobe eseluleme ekuthintekeni okuncane abenakho namuhla, emdlalweni olandelayo.
“Kodwa sinaye u(Jody) February, uReyaard (Pieterse)…nakanjani ukhona ozophakamisa isandla uma sidinga omunye unozinti.”
Emdlalweni olandelayo iSundowns izobhekana neTS Galaxy ngoMgqibelo.

