CAF Champions League

IDowns nePirates bagwemene kuqhathwa kwiChamps League 

SIHLE NGUBO 

INingizimu Afrika inethuba elihle lokuba neqembu kweyandulela owamanqamu kwiCaf Champions League ka-2024/2025, kulandela ukuqhathwa kwamaqembu azodlala kuma-quarterfinal, eDoha, eQatar, ngoLwesine.

Lapha kuhlaluke ukuthi iMamelodi Sundowns izobhekana ne-ES Tunis, yaseTunisia, ekhaya emlenzeni wokuqala, kanti i-Orlando Pirates izotholana phezulu neMC Alger, yase-Algeria, ekuhambeni emlenzeni wokuqala.

Ngesikhathi kuqhathwa amaqembu kuqinisekiswe ukuthi ngeke abhekane abedlala eqoqweni elilodwa emidlalweni yamaqoqo esongwe ngenyanga edlule.

ISundowns nePirates bebengaqondana kodwa kwangenzeka ngesikhathi kuqhathwa amaqembu eQatar. Lokhu kuyinto enhle ngoba la maqembu angadlulela kweyandulela owamanqamu womabili uma kubukeka amaqembu aqhathwe nawo.

ISundowns izodlala nozowina phakathi kwe-Al Ahly ne-Al Hilal uma idlula kweyandulela owamanqamu, kanti iPirates izodlala nozonqoba phakathi kwePyramids ne-AS FAR, uma iqhubekela phambili.

IStellenbosch FC izobhekana nomqansa kuma-quarterfinal kwiCaf Confederation Cup njengoba izotholana phezulu neZamalek okuyiyona evikela indebe.

Uma inqoba lapho iStellies izobhekana nozowina phakathi kwe-Al Masry neSimba SC.

Ziqhathwe kanje kwiChampions League:

Al Ahly v Al Hilal SC; Pyramids FC v AS FAR; Mamelodi Sundowns v ES Tunis; MC Alger v Orlando Pirates 

Aqhathwe kanje kwiConferation Cup:

Stellenbosch FC v Zamalek; Asec Mimosas v RS Berkane; CS Constantine v USMA; Al Masry v Simba SC