UMshishi ushishiliza umdlali weStellies ambona eyingozi
SIHLE NGUBO
Ukaputeni weMamelodi Sundowns, uThemba “Mshishi” Zwane wesaba uLesiba Nku njengoba bezobhekana neStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership, eLucas Moripe Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.
UNku uke wayibamba kuBafana Ba’Style afike kubona evela kwiMarumo Gallants ngo-2023.
Nokho akahlalanga kakhulu kompetha beligi njengoba esegijima kwiStellies, ezama ukuqeda endaweni yesithathu kwilogi yePremieship.
UZwane usanda kubuya ekulimaleni kodwa ubukeka esengumqemane njengoba eseke wadlala imidlalo embalwa esuka ebhentshini.
“Bengilokhu ngisebenza kanzima ukuthi ngibuye ngibe yingxenye yeqembu,” kusho uZwane.
“Kimina ukuba yingxenye yeqembu kungenza ngijabule futhi amajita ngiyabona ukuthi ayangijabulela, kunenjabulo ekhona.
“Njengoba ubona senza kahle siyayinqoba imidlalo. Ukubambisana njengabafowethu yinto ebaluleke kakhulu.”
IStellenbosch akulona iqembu okumele ulithathe kancane noma kungathiwa ubhekene nalo ekhaya. UZwane ukwazi kahle lokho.
“Ngilindele umdlalo onzima ngoba bebedlala iConfederation Cup futhi benze kahle,” kusho uZwane.
“Kodwa ngingasho ukuthi nathi sidlala kahle. Siyawakha amathuba sidlala nebhola elihle.
“Siyaziphusha thina uqobo. Kuzoba umdlalo ohehayo ukuwukubuka.”
UZwane uthe iStellies inabadlali abahle kodwa waphuma noyedwa ambona eyingozi.
“Ngingathi uLesiba Nku ungumdlali osezingeni eliphezulu. Kodwa ukukhuluma iqiniso banabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu.
“Ngeke uphume nomdlali oyedwa uthi kumele umqaphele ngoba njengeqembu badlala kahle kakhulu.”

