U-10111 akafuni AmaZulu aphume kwiTop 8
SIHLE NGUBO
Ufuna bazinze kwiTop 8 njengoba ilokhu incipha imidlalo yeBetway Premiership umqeqeshi waMaZulu FC, u-Arthur “10111” Zwane.
Usuthu lubalwa namaqembu ayishiyagalombili aphezulu kwilogi yePremieship njengoba luyibambe endaweni yesikhombisa.
Leli qembu lilahle amaphuzu emdlalweni wokugcina eliwudlale neStellenbosch FC eKapa. Usuthu lushaywe ngo 1-0 kulo mdlalo yize luthole inqwaba yamathuba okushaya amagoli.
UZwane ukholwa ukuyibona abebelokhu bezenzela phansi emidlalweni edlule, ngakho kumele bakulungise lokho.
AmaZulu azobhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weBetway Premiership eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
“Ayilula le midlalo ngokuza kwayo. Kithina umdlalo osemqoka kakhulu lona, siyazi kubaluleke kanjani ukuthola amaphuzu amathathu,” kusho uZwane oke wacija iKaizer Chiefs.
“Angithandi ukulokhu ngiphinda into eyodwa mayelana nokuthi sikuphi nokuthi yikuphi lapho kumele ngabe sikhona.
“Besinesikhathi sonke sokuthi kushaye lesi sikhathi (sesizini) sesisendaweni engcono kwilogi.
“Ukulahla imidlalo emithathu edlule sekufake ingcindezi enkulu. Sizifake thina kulesi simo, njengoba besenza phambilini, ngakho kumele sizikhiphe thina futhi.”
Inkinga enkulu ebhekene noSuthu kule sizini, ukhuhluleka ukuqedela amathuba oluwakhayo okushaya amagoli, nokwenza amaphutha emuva agcina engenise amagoli kulona.
“Okuyilona thuba esinalo ukuthi siye eHammarsdale, kungathalekile ukuthi kuzobe kudlaleka enkundleni noma cha, sizame ukuthola umphumela omuhle,” kugcizelela uZwane.
“Amalungiselelo (omdlalo) ahamba kahle kuze kube yimanje. Abadlali nomoya osekhempini muhle kakhulu.
“Sinabo abadlali abathintekile lapha nalaphaya kodwa lokho angicabangi ukuthi kuzoba nomthelela ongemuhle.
“Sinabadlali abebelokhu belindile ukuze banikwe ithuba, ngakho ngicabanga ukuthi basezingeni elikahle ukuthi balibambe ngazo zombili.
“Sethemba ukuthi sizothola amaphuzu aphelele yize kungeke kube lula.
Sesidlale imidlalo eminingi kunabo bonke abanye, yikho kubalulekile ukuthi sithole amaphuzu aphelele ukuze singaphumi kwiTop 8.”
Ngemuva kwaMaZulu kuhlezi iChiefs ezobhekana neMarumo Gallants ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Uma Usuthu lungawini bese inqobe iChiefs, luzokwehlela endaweni yesishiyagalombili.

